Kungene uR20.3bn owengeziwe emnothweni waseNingizimu Afrika ekupheleni kwangoJulayi
YINTATHELI YOMBELE
IZIBALO ezintsha zohwebo zikhombisa ukuthi iNingizimu Afrika ingenise uR20.3 billion ngokuhwebelana namanye amazwe kuzekubenguJulayi.
Lezi zibalo ezikhishwe yiSouth African Revenue Service ngoLwesihlanu zikhombise ukuthi uR20.3bn owengeziwe ungene emva kokuthi iNingizimu Afrika idayise izimpahla kwamanye amazwe ngoR184.3bn.
INingizimu Afrika ithenge izimpahla ezibiza uR164.0bn kwamanye amazwe, okuhlanganisa uhwebo neBotswana, i-Eswatini, yiLesotho neNamibia.
Kusukela ngoJanuwari kuze kubewuJulayi walo nyaka imali eyengeziwe esingenile ezweni iwuR98.9bn. Le mali incane kunoR113.7bn owangena ngalesi sikhathi ngonyaka odlule.
Uma kuqhathaniswa uhwebo kuzekubenguJulayi wangalo nyaka nowangonyaka odlule, kuvela ukuthi kulo nyaka izimpahla ezidayiswe kwamanye amazwe zinyuke ngo-3.1%, zibize uR184.3bn kanti ngonyaka odlule beziwuR178.7bn.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/02/kungene-ur21-7-billion-eningizimu-afrika-ngokudayisa-izimpahla-kwamanye-amazwe/
Izimpahla ezithengwe kwamanye amazwe zinyuke ngo-4.5% uma kuqhathaniswa ngalesi sikhathi ngonyaka, lapho kuthengwe khona izimpahla ezibiza uR164.0bn, ekubeni ngonyaka odlule bekuthengwe ezibiza uR157.0bn.
Izimpahla ezidayiswa kwamanye amazwe njalo ngosuku zinyuke ngoR14.5bn noma ngo-8.5% zisuka kuR169.8bn, ziya kuR184.3bn phakathi kwangoJuni nangoJulayi.
Izimpahla ezithengwe kwamanye amazwe zinyuke ngoR15.2bn noma u-10.2%, zisuka kuR148.8bn ziya kuR164.0bn ngesikhathi esifanayo. Izimpahla ezidayiswe kakhulu kwamanye amazwe ngoJulayi okusa-orintshi, yi-unwrought aluminium, yi-manganese ores nama-concentrate.
Izimpahla zakwamanye amazwe ezithengwe yiNingizimu Afrika kakhulu ngamafutha ka-phethroli, umanyolo wamakhemikhali no-oyela ongahluziwe.