UMnu uTony Ngobeni, umsunguli weNgobeni Interior Designs, yaseTonga, ngaseMalelane, eMpumalanga, efaka ama-ceiling board, amakhabethe odonga nokunye. Izithombe: Zithunyelwe

Ukubawumakhi kwamholela ebucikweni bokuhlobisa izindlu ngaphakathi

WUTHOBILE ZWANE 

UTHANDO lwezindlu ezinhle lwashintsha umakhi wabayiciko elihlobisa ingaphakathi lezindlu. UMnu uTony Ngobeni uthi ubakha izindlu kodwa ngokuhamba kwesikhathi wagcina esenothando lokuzihlobisa ngaphakathi.

Yiloku okwamenza wasungula iNgobeni Interior Designs yaseTonga, ngaseMalelane, eMpumalanga.  

Le nsizwa eneminyaka ewu-41 ithi yabona ukuthi uma indlu isiqediwe kufanele ibeyinhle, yase iqala ukusebenza nomuntu ebukela kuyena nowayethanda ubuciko, embiza ngosolwazi. 

UNgobeni uthi lo msebenzi wezandla akazange awufundele kodwa uwufunde ngokwenza. “Bengisebenza ngiwumsizi emisebenzini yokwenza ingaphakathi lezindlu. Kulapho ngithole khona ikhono lokufaka i-ceiling board, amakhabethe, ama-tile nokupenda. Kuthe ngo-2018 ngabhalisa iNgobeni Interior Designers ngokusemthethweni,” kulanda yena.

UNgobeni elungela ukukhipha amangwevu okufaka i-ceiling board

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/05/31/wenza-ezibukwayo-onebhizinisi-lobuciko-bokuphaphamisa-izakhiwo-wafundela-lo-mkhakha-engaqondile-kanti-uzothola-ukuthi-uyawuthanda-uxoxe-noslindile-khanyile/

Uthi nakubakungelula ukubanebhizinisi kodwa uwuthanda kakhulu umsebenzi wakhe ngoba umnike ithuba lokuzisebenza. “Okungithokozisa kakhulu ngokubanebhizinisi wukusiza abantu ukuthi baguqule izindlu zabo zibeyizindlu abebehlale bezifisa,” kusho uNgobeni.

Eminye yemisebenzi yeNgobeni Interior Designs wukwenza amakhabethe

Uthi uke ancamele ukulahlekelwa wumsebenzi uma abantu befuna ukwenzelwa ngemali eshibhile kodwa ukholwa wukuthi umsebenzi wakhe uhlukile ngenxa yezinga lawo, ubungcweti nokwenza izinto ngesikhathi.

INgobeni Interior Designs isidlondlobele yaze yanezisebenzi eziyisithupha ezisebenza ngezikhathi ezithile zonyaka. Isifiso sakhe sangomuso wukukhulisa ibhizinisi lakhe eNingizimu Afrika yonkana.

Iseluleko sikaNgobeni kubantu abafisa ukungena ebhizinisini sithi: 

“Yibanesineke, funda ikhono kuthi ngaso sonke isikhathi ugxile emsebenzini osezingeni eliphezulu.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page