Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uNksz uBusi Mavuso sithi abantu sebezokwazi ukubona zonke izinguquko ezenzeka emnothweni ebezihlongozwa wuhulumeni emva kokuthulwa kweBLSA Reform Tracker, uhlelo lobuchwepheshe oluzokhombisa okwenzekayo. Isithombe: Sithunyelwe

I-BLSA ithule ithuluzi elizokhombisa izinguquko ezenzeka emnothweni 

YINTATHELI YOMBELE

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ithule indlela ezokhombisa abantu izinguquko ezathenjiswa wuhulumeni okufanele zenzeke emnothweni, olubizwa nge-BLSA Reform Tracker. 

Le ndlela izosiza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babone ukuthi yiziphi izithembiso zokuletha uguquko emnothweni ezenziwe wuhulumeni esezenzekile nokuthi zizowathinta kanjani amabhizinisi futhi zizowukhulisa kanjani umnotho. 

Lolu hlelo, olwenziwe yinkampani yabacwaningi iKhrutham, luthulwe ngokusemthethweni namhlanje emcimbini obuseGoli, obekukhona ungqongqoshe weHhovisi likaMengameli uNksz uMaropene Romokgopa ophethe izindaba zokuhlela noqinisekisa ukuthi yonke imininyango kahulumeni isebenza ngendlela efanele, nephini lakhe uMnu u-Ashor Sarupen. 

Kuqale kwanengxoxo ehlabahlosile ebilawulwa wumsakazi uMnu uStephen Grootes  noMnu uRudi Dicks, obechaza ngezinhlelo zikahulumeni zokuletha uguquko i-Operation Vulindlela, isikhulu esiphezulu seBusiness Unity South Africa (iBusa) uMnu uKhulekani Mathe noDkt uRoy Havemann weBureau for Economic Research, obechaza ngokubaluleka kwezinguquko emnothweni waseNingizimu Afrika. 

Kulindeleke ukuthi kusasa iBLSA Reform Tracker ithulwe eCape Town, lapho kuzobekukhona undunankulu waseNtshonalanga Kapa uMnu u-Alan Winde, uSarupen nesikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusi Mavuso. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/13/sizogada-izinguquko-zikahulumeni-ukuqikelela-ukuthi-ziyaphumelela-kuloba-ubusi-mavuso/

Indikimba okuzobe kukhulunywa ngayo ithi: “Why Do Policy Reforms Matter?” Imininingwane eminingi itholakala ku-https://tracker.blsa.org.za/. I-Reform Tracker ibheka izinhlelo eziwu-240 uhulumeni ayethembise ukuthi uzoletha uguquko kuzo. Lapha kubalwa ubugebengu, ubulungisa, ukuphatha nezinguquko ezizoletha ushintsho emnothweni. 

Njalo kekota kubhekwa ukuthi yiziphi izinguquko esezenzekile, kubhekwe ukuthi zihamba kahle nokuthi yiziphi izingqinamba ezisekhona.

“I-Tracker iyithuluzi lokuseka uhulumeni namabhizinisi ukuze baqonde ngokwenzekayo, babone okusebenzayo, okungaqhubeki nokuthi yini okufanele yenziwe ukuze kubenenqubekelaphambili,” kusho uNksz uMavuso. 

Uthe izohlomisa osomabhizinisi ngolwazi olufanele, oluzobasiza ukwenza izinqumo ezibalulekile ngoba kuzobekunemininingwane echaza ngesimo esikhona. 

Ngekota yokuqala ezinguqukweni ezithenjiswe wuhulumeni kwi-Operation Vulindlela kuvela ukuthi  kukhona osekwenzekile: 

  • Ziwu-26 izinguquko esezifeziwe;
  • Eziwu-59 zikhombisa ingqubekelaphambili;
  • Eziwu-108 ziyaqhubeka kodwa zidinga ukunakwa kakhulu;
  • Eziwu-19 kunezinselelo ngazo.

Kunoshintsho olukhulu oselwenzekile ezindabeni zokuphehla ugesi, embonini yezimali nezokuphatha. I-BLSA izoqhubeka nokucwaninga amalungu ayo njalo ngekota ukubona ukuthi izinguquko zinamehluko muni kuwona nasemabhizinisini awo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page