‘Abantu abangadidiseki uma bebona imali, abayonge’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSandile Dlamini, umlingisi wemidlalo yethelevishini, umculi,  umshayisiginci nomabhizinisi. Emidlalweni yethelevishini namafilimu aseke wadlala kuwona kubalwa i-Sarafina, i-Stokvel Season 3, Imbewu: The Seed, edlala indawo kaPhakade ne-Sibongile & The Dlaminis Season 1 ne-Season 2

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Mina ngisemncane ithuba lokunikwa imali alibanga khona. Ngizalwa wuMfundisi, ngikhulele emishini (ekhaya kuyisonto). Zonke izinto uma sizenza ngangithengelwa kodwa angikaze nje ngiphiwe imali. Ngangibamba amatoho emajalidini.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wawuyivula kuliphi

Ngayivula ngo-1988 eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda wukuthi imali iyabekwa. Uma usebenza imali uyayigcina, uthenga lezo zinto ezibalulekile eziyidingo, hhayi okufisayo. 

Wukuthi uma unomholo owutholayo ukhokha izikweletu ubheke izidingo zakho, emva kwaloko uzame ukubeka imali. Ungalenzi iphutha lokuthi uma ubona imali ukhuphule izindleko zakho ngenxa yokubona imali, uzithole usuthenga nento engenasidingo ngaleso sikhathi ngoba ufuna ukubanayo kanti ayisona Isidingo. Izinga lempilo oyiphilayo ungalishintshisi ukuthi ubona imali iningi.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Umholo wami wokuqala ngawunika abazali.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Kwabawukuthenga umuzi.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuthi ngibuke umholo emva kokuqashwa, uthole ukuthi izindleko nempilo engiyiphilayo ibanezidingo ezilingana imali engiyiholayo. Kugcina kukhuphuka izindleko zenyanga nenyanga ngenxa yokubuka umholo engiwutholayo, ngigcine sengisize abantu ngokweqile. Loku kudala ukuthi ungakwazi ukonga imali ngoba uthathe umholo wawulinganisa nezindleko.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/02/17/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nomduduzi-nombela-umculi-umdansi-nomlingisi-wemidlalo-yeshashalazi-neyethelevishini-kwimbewu-the-seed-udlala-indawo-kaphunyuka-khanyile-kanti-kuzalo-wayewubho/

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze ngilutheke, angikholelwa kuwona.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Imali ewu-20% ngingayisebenzisela ukunikela emphakathini, enye ngingayonga kuthi enye ngibheke lapho nginezidingo khona engibona ukuthi ngiyashoda ngazo.  

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingabaluleka ngokuthi uma bethola umsebenzi abaqiniseke ukuthi isivumelwano (nomqashi) bayasiqonda, babuke isikhathi abazosisebenza ukuthi siphela nini, bonge imali uma kwenzeka umsebenzi uphela ngoba le misebenzi esiyenzayo, ihambe ihambe ime, ukuze bakwazi ukuqhubeka baphile izinyanga noma eziyisithuba ukulungiselela ukuthola umsebenzi olandelayo. Abantu abangagagameli uma bebona imali, abayonge.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page