Inhloko yeStandard Bank Personal and Private Banking South Africa uMnu Kabelo Makeke uthi amakhasimende aleli bhange asenza izinto isimanje. Izithombe: Zithunyelwe

I-Standard Bank iphuthumisa izinhlelo zokuqeda amagatsha angayiphathi imali

YINTATHELI YOMBELE

I-STANDARD Bank Personal and Private Banking iphuthumisa uxhaxha lwayo lwamagatsha ukuhambisana noshintsho endleleni amakhasimende asenza izinto ngayo nokuncipha kwezindawo ezisebenzisa imali ewukheshi njengoba kwanda amagatsha angeke esaphatha imali kulo nyaka.

Ngonyaka odlule, leli bhange laguqula amanye amagatsha alo ukuhambisana noshintsho lokwenza amagatsha abeyisimanje, asebenze kangcono futhi ahambisane nezidingo zamakhasimende. Kulolu shintsho kubalwa izinsizakusebenza zokuthatha nokukhipha imali ezindaweni ezithile, njengoba imali izotholakala emagatsheni athile ambalwa, lapho kuphuculwe ubuchwepheshe khona. 

Inhloko yeStandard Bank Personal and Private Banking South Africa uMnu uKabelo Makeke ithi: “Amakhasimende ethu asitshela ngokucacile ukuthi awasafuni ukubhekana nathi. Ezindaweni eziningi ukusebenza kukakheshi sekwehle kakhulu njengoba sekwande usizo lwezeluleko nokubhenka ngendlela esekelwe kubuchwepheshe. Uhlelo lwethu lokungaphathi imali luqinisekisa ukuthi sitshala lapho kubaluleke khona, okuyisekwenzeni izinto luka, ulwazi nokwenza usizo olungcono ezindaweni eziseduze namakhasimende ethu.” 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/04/abantu-sebezoyikhipha-eduze-imali-yasestandard-bank/

Amagatsha anemishini yokufaka nokukhipha imali asazoqhubeka nokusebenza

Amakhasimende asadinga usizo lo-teller azosizakala emagatsheni athile aseduze asenalo lolu sizo kanti olunye usizo olunjengemishini yokukhipha imali nezindawo ezenzelwe ukukhipha nokufaka imali.

UMakeke ugcizelele ukuthi lolu shintsho aluvaleli muntu ngaphandle kodwa ngolwabantu abaluthandayo.  

“Sitshintsha izindlela zokuthola usizo. Siqinisekisa amakhasimende asakwazi ukusebenzisa ukheshi uma edinga, sibesenza izindawo ezihambisana nezidingo zokubhenka zesimanje,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page