Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana umemezele isikali esisha samandla emali iBhange lomBuso elizosebenzela phezu kwaso esiwu-3%. Isithombe: Sithunyelwe

Kuhlukene imibono ngesikali esiwu-3% samandla emali

WUBONISWA MOHALE noTHOBILE ZWANE

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ukuqedile ukuqagela ngesilinganiso esisha samandla emali njengoba esebalwa ngo-3%. 

IBhange lomBuso kufanele libekezele uma esanyuke ngo-1 percentage point, kuthi uma enyuka ngaphezu kwaloko liqale linyakaze. 

UGodongwana uthe lesi sinqumo abasenzanga nje ngaphandle kokuxoxa nezinhlaka ezithintekayo njengoba kuye kwanezingxoxo neBhange lomBuso nekhabhinethi yonke kahulumeni wobumbano. 

Uthe u-1 percentage point ubekelwe ukuthi iBhange lomBuso likwazi ukumelana nezinto ezinyusa amandla emali ezisuke zingalindelekile. U-3% yiwona osuzosebenza esikhundleni sokukala amandla emali ngesilinganiso esiphakathi kwango-3% no-6%. Uzosebenza kule minyaka emibili ezayo.

“Isilinganiso samandla emali esisha sizothula umthwalo emahlombe abantu ukuze bakwazi ukubanemali abazoyisebenzisa futhi kwehle nezindleko zezikweletu. 

“Sizogqugquzela ukutshala imali, sikhulise umnotho futhi kudaleke nemisebenzi. Imiphumela yalesi sinqumo izobamihle kakhulu. Yebo kuzobanzinyana ukufeza ezinye izimiso esizibekele zona kodwa loku kuzohlomulisa abantu baseNingizimu Afrika,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: ISabelomali kufanele siqinisekise inqubekelaphambili kodwa kusaxega kwingqalasizinda, kuloba uBusi Mavuso

UGodongwana usho kanje ngenkathi ethula iSabelo samaPhakathi koNyaka weziMali i-Medium-term Budget Policy Statement namhlanje.

IBhange lomBuso neHhovisi lomGcinimafa baqinisekise ukuthi kubenezingxoxo eziningi futhi kwabhekisiswa okwenzeka emhlabeni jikelele nasemnothweni wezwe. Inhloso bekuwukwehlisa umthwalo emahlombe abantu baseNingizimu Afrika, ukukhuthaza abatshalimali ukuthi bafake imali yabo emnothweni waseNingizimu Afrika ukuze kukhule umnotho ukuze kudaleke nemisebenzi.

Lithe lizoqhubeka nokusebenzisana neHhovisi lomGcinimafa ukuqinisekisa ukuthi umnotho uyakwazi ukumelana nezinkinga eziqhubeka emhlabeni jikelele futhi izakhamuzi ziyahlomula ngesinqumo esisha. 

Usomnotho waseCitadel Investment Services uMnu uMaarten Ackerman usamukele isinqumo sokubeka amandla emali ku-3% wathi isinyathelo esizoqinisa umnotho waseNingizimu Afrika. 

“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukushintsha isilinganiso samandla emali ngoba kuzokhulisa umnotho. Yonke into esiyenzayo siye sibuke amandla emali yethu. Loku kuzonciphisa inzalo esiyikhokha nasezikweletini ngoba izikhungo ezibolekisa ngemali sezizowashintsha amandla emali akade zikala inzalo ezisikhokhisa yona ngawo,” kusho yena. 

Wengeze ngokuthi iNingizimu Afrika iqhuba kahle ngezinguquko nokuthi izinga eliphansi lesikali samandla emali lingase lisekele ukukhula esikhathini eside.

“Kusenomsebenzi onzima omningi kodwa siqhuba kahle ngezinguquko zenqubomgomo. Ngikholwa wukuthi umnotho ungakhula ngo-1.8%, ngisho nango-2% ohlongozwayo ngo-2028, inqobo nje uma uhulumeni wobumbano uhlala ubambisene futhi uqhubeka nokuletha izinguquko ezijulile,” kuchaza u-Ackerman.

Uthe yizindaba ezinhle ukuthi imali engenayo kwiSabelomali sezwe izonyuksa ibe wuR68.5 billion kunyaka wezimali wango-2025/26 ngoba kusho ukuthi izwe lizobanemali yokufeza ezinye izidingo. 

Umcwaningi womnotho ofundisa e-University of Witwatersrand uDkt uThokozile Madongo uzwakalise ukukhathazeka ngokwehliswa kwesikali samandla emali, wathi kungase kubhebhezele ukungalingani okukhona kwezenhlalo nezomnotho.

“ISabelomali samaPhakathi noNyaka weziMali siza nesinqumo esishintshe amandla emali esingase sibenomphumela omubi kubantu abahluphekayo njengoba bevele bengenamali yokufeza izidingo zempilo,” kusho yena.

Uxwayise ngokuthi nakuba uhulumeni ulindele izinzuzo zesikhathi eside, izindleko zesikhashana zaloku kushintsha kwenqubomgomo zizophazamisa ngokungafanele imindeni ehola kancane.

“Ngisho nomGcinimafa uyavuma ukuthi kuzobanezindleko zesikhashana futhi lezo zindleko zizozwela kakhulu emakhaya ampofu. Kusho ukuthi inkulumo kangqongqoshe noma umqulu weSabelomali awukhulumi ngendlela ezwakalayo yokuntuleka kwemisebenzi, nokuyinto ewumgogodla wokungalingani kweNingizimu Afrika,” kusho uDkt uMadongo

Uthe ukubakhona kwemali eyengeziwe ewuR68.5m kufanele kusize uhulumeni ukuvikela umphakathi ngokuletha izinhlelo zenhlalakahle yabo bonke abantu.

Inhloko yeMacro-economic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe ukholwa wukuthi isimemezelo sokwehlisa isilinganiso samandla emali besingalinda unyaka ozayo kodwa-ke sesimenyezelwe. 

Uthe zikhona izinhlelo zokukhulisa umnotho nokuqinisekisa ukuthi isikweletu asandi futhi nomGcinimafa uqinisekisa ukuthi izimali zisebenza ngendlela efanele ukuze izwe lihlale lisesimweni esihle sezimali.

Ubalule ukuthi abaneme ngokuthi umnotho usazokhula kancane futhi isikweletu sezwe asikanciphi kakhulu, athe kuzokwenza izinhlangano eziklelisa amazwe ngokomnotho iMoody’s neFitch zingayinyuseli endaweni enhle iNingizimu Afrika. Ushintsho lungaze lwenzeke ngonyaka ozayo. 

Okhulumela iCongress of South African Trade Unions ePhalamende uMnu uMatthew Parks  uthe abaneme ngokwehliswa kwesikali samandla emali ngoba iBhange lomBuso lizoqhubeka nokuqinisa isandla lingayehlisi imalimboleko ekubeni izisebenzi ziyadinga ukuthi yehle. 

Uthi ukukhula komnotho ngo-1.2% kulo nyaka ngeke kulibuyise ithemba kubantu abadinga umsebenzi futhi abaneme ukuthi akuzange kushiwo lutho ngesibonelelo sabantu abangasebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page