Kuxwayiswa abantu ngenkampani engagunyaziwe ukuthatha imali
YINTATHELI YOMBELE
UMLAWULI wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uxwayisa abantu ukuthi baqaphele uma besebenzisana neForex Major.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, iFSCA ithe ithole ukuthi iForex Major ithatha imali kubantu ngoba ithi ifuna ukubatshalela yona.
Kuthiwa loku ikwenza ngokusebenzisa uhlelo lokuhweba i-copy trading services noma ukuhwebela umuntu ngaphandle kokuthola imvume yakhe. Loku kuthiwa kwenzeka kubantu abathile abasuke bekhethwe yile nkampani.
I-FSCA ithe ukuze abantu bangazibeki engcupheni akufanele bathathe iseluleko sezimali noma batshale imali yabo ezinkampanini ezingagunyaziwe yiFSCA.
I-FSCA ithi abantu kufanele baqale baqinisekise ukuthi inkampani abafuna ukutshala kuyona imali igunyaziwe ngokubheka ukuthi inaso isitifiketi sokuhweba esikhishwa yiFSCA, babheke nangenombolo kamazisi yomnikazi wenkampani ukuthi ubhalisiswe ngempela yini ukwenza umsebenzi asuke ethi ugunyazwe ukuwenza.
Ibalule ukuthi kufanele inamba esetshenziswa yibhizinisi noma wumuntu ihambisane nesohlwini lweFSCA. Ukuqinisekisa ukuthi inkampani ihweba ngokusemthethweni nokuthi yenza umsebenzi efanele ukuwenza abantu bangabheka loku ngokushayela u-0800 110 443 nokungena ku: www.fsca.co.za/Fais/Search_FSP.htm

