Kuqashwe abantu abasha abawu-8 180 embonini yezingcingo
WUTHOBILE ZWANE
KULOKOZA inhlansi yethemba ngokudaleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika emva kokuthi iBusiness Process Enabling South Africa (iBPESA) iveze ukuthi kudaleke amathuba emisebenzi ewu-8 180 embonini ye-global business services (iGBS).
I-GBS yimboni esiza izinkampani ezikwamanye amazwe kodwa evamise ukubanama-call centre neminye imisebenzi eyenziwa ngabantu baseNingizimu Afrika.
Umbiko i-BPESA/EVEREST Value Proposition Report 2025 uthulwe engqugqutheleni yeBPESA ese-Inkosi Alber Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali. Le ngqungquthela iqale ngoMsombuluko kanti iphela namhlanje.
Ukudaleka kwamathuba emisebenzi kungenise uR2.3 billion wemali evela kwamanye amazwe emnothweni waseNingizimu Afrika.
Kuvele ukuthi kubantu abawu-8 180 abaqashiwe kule misebenzi yezinkampani zaphesheya u-90% wabo uneminyaka ephakathi kwewu-18 newu-34.
Abaningi baseNtshonalanga Kapa, lapho kuqashwe abawu-4 119 noma abawu-50.35%, kulandele iKZN ngemisebenzi ewu-2 434 noma ewu-29.765, kuze iMpumalanga Kapa ngabawu-900 noma abawu-11%, kugcine iGauteng ngabawu-727 noma abawu-8.9%.
Ingqungquthela ihlanganisa abatshalimali, amabhizinisi omhlaba jikelele, abashaya umthetho nabaholi bezimboni abavela ezimakethe zaphesheya ezibalulekile ezifana ne-Australia, i-United Kingdom neMelika.
Isebenze njengenkundla yokuhlola ukutshala imali okusha namathuba okudala amathuba emisebenzi emkhakheni iGBS okhula ngokushesha eNingizimu Afrika.
Iphini likangqongqoshe womNyango wezoHwebo iziMboni nokuNcintisana uMnu uZuko Godlimpi lithe kuhle ukuthi le mboni iqhubekile nokukhula njengoba amathuba emisebenzi eloku enyuka, asuke ku-60 000 ngo-2019, aya cishe ku-150 000 ngo-2024.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/14/uhulumeni-awuze-namacebo-okudala-imisebenzi-izingqapheli/
“Imboni iGBS ingenye yezimboni ezineqhaza elibalulekile ekuqasheni intsha. Ukusebenzisana kwethu neBPESA nabanye ababambisene nayo, kuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokuheha abatshalimali abangagcini nje ngokudala amathuba emisebenzi kodwa abadala ukuncintisana kwezomnotho okuzoqhubeka isikhathi eside,” kusho uGodlimpi.
Uthe le mboni izimisele ukudala eminye imisebenzi ewu-50 000 eminyakeni embalwa ezayo newu-500 000 ngo-2030, okuyinto athe ikhombisa ukuzibophezela okuqhubekayo komNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana ekwandiseni umnotho obandakanya wonke umuntu.
Isikhulu esiphezulu seBPESA uNks uReshni Singh sithe le mboni iyindaba emnandi eNingizimu Afrika njengoba ikwazi ukuvulela intsha amathuba emisebenzi.
“Ngifuna ukuhalalisela bonke ababambe iqhaza embonini ngeqhaza labo elingaguquki ekukhuleni komnotho nasekuqasheni intsha. Umkhakha iGBS uwubufakazi bempumelelo yaseNingizimu Afrika,” kusho yena.
Uthe u-71% wemisebenzi yemboni ikuma-call centre, izimboni ezisiza ngezidingo zabantu, okubalwa nezisiza ngamandla eziwu-26.86%, ezomshwalense eziwu-22.75%, ezezitolo nezidayisa online eziwu-20.6%.
IMelika ne-United Kingdom kuseyizimakethe ezinkulu zaseNingizimu Afrika zezinsiza ezinikwa abantu bangaphandle, okwenza u-76.5% wemisebenzi emisha. Amanye amazwe asebenzisana neNingizimu Afrika ukudala imisebenzi yi-Australia (okuwu-6.56%), iYurophu (okuwu-5.41%), iCanada, iChina, iJapan, ne-United Arab Emirates (okuwu-11.35% kuhlangene).
UGodlimpi uthe kubalulekile ukubambisana kwabashaya umthetho nezimboni ngoba kuletha imisebenzi ehambisana nezikhathi zamanje abale kuyo eye-artificial intelligence, i-automation ne-cloud computing.
INingizimu Afrika ihehe izinkampani ezivelele emhlabeni okubalwa i-Amazon, i-American Express, iLufthansa, iBritish Gas, i-Investec neT-Mobile.
UGodlimpi uthi lezi zinkampani azihehwa nje wukuthi izindleko zokuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika ziphansi kodwa zihehwa nawubungcweti nezinga lamakhono abantu baseNingizimu Afrika.
Indikimba yengqungquthela ethi IMPACT, iveze umongo wobuhle bokuncintisana kweNingizimu Afrika.

