Izinguquko ezenzeka embonini kagesi okubalwa ezokuphehla ugesi ohlanzekile ofana nowelanga zikhombisa ukuthi i-Operation Vulindlela isiqalile ukuthela izithelo ezinhle. Isithombe: Sithunyelwe

Izinto esizizuze nge-Operation Vulindlela ezangempela kodwa kuyatotoba ngezinye, kuloba uBusi Mavuso 

UKUTHULWA kombiko wekota yesibili nge-Operation Vulindlela ngesonto elidlule kuyisikhumbuzo somsebenzi obalulekile ewenzayo kodwa futhi nokuthi usengakanani umsebenzi okufanele wenziwe. Mina impumelelo ngiyibheka ngokuthi uma sekukhona umsebenzi ophathekayo, owenza umehluko obonakalayo, kushintshe indlela amabhizinisi asebenza ngayo.

Uma sisebenzisa loko, i-Operation Vulindlela isizuze izinto ezibalulekile kodwa kusenomsebenzi omkhulu osihlalele. Icacile impumelelo uma sibuka lezo zinto. Esobala kakhulu isembonini kagesi, imisebenzi emisha kagesi ovuselelwayo, ukwazi ukwenza inzuzo kwe-Eskom okokuqala eminyakeni eyisishiyagalombili nogesi omusha owu-14 500MW osuvele ubhalisiwe kwiNational Energy Regulator of South Africa (iNersa). Ukuphucuka kwesikhathi okubhaliswa ngaso osekuthatha izinsuku eziwu-11 sekunciphise ukubambezeleka kwezinto obekuvimba ukuthi imboni ezimele itshale imali. 

Ukuguqula indlela okuhlinzekwa ngayo ama-visa ngenye into enkulu ezuziwe. Izicelo eziwu-30 000 ebezibambezelekile seziphothuliwe kanti nobuchwepheshe obusetshenziswayo ukugunyaza izicelo zabantu abahambayo sebuyasebenza, okuzothuthukisa ezokuvakasha. Lezi yizinto okuthi ngokuphucuka kwazo kuphucuke nomnotho.  

I-Business Leadership South Africa Reform Tracker etholakala mahhala ilandelela futhi ibuyekeza izinguquko ezingaphezu kuka-200 ezifana nalezi futhi ziyahambisana nokuvezwa yi-Operation Vulindelela. Kodwa ukwenza izinto kuyatotoba kwezinye izindawo ezimqoka. Ingqalasizinda ebalulekile njengeTransport Economic Regulator, umlawuli wemboni yamanzi ozimele nokuhlukanisa iTransnet National Ports Authority yizinto “ezisazokwenziwa”, yize sekuneminyaka kukhulunywa ngazo. Kokuningi, umthetho usushayiwe kodwa sekusele ukuthi izinto zenziwe ngokuguqula izinhlaka eziqondene nakho.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/14/amabhizinisi-azoqhubeka-nokubambisana-ne-operation-vulindlela-kuloba-ubusi-mavuso/

Ngisho embonini kagesi lapho kunenqubekelaphambili ebonakalayo khona, imithetho ebalulekile ezokwenza ukuthutha ugesi, yandise izindlela zokuwuthwala nanokudayisa isazophothulwa. Yonke sekubhekeke ukuthi iphothulwe ngo-2026 futhi nginethemba ekutheni ithimba le-Operation Vulindlela lizokwenza kodwa kufanele sikhulume iqiniso ngokubambezeleka kwezinto nezinto ezibangisana nazo. 

Kade saqala ukubambisana ne-Operation Vulindlela lapho singasiza khona ukuqinisekisa ukuthi kunenqubekelaphambili futhi sizoqhubeka sizikhandle ngaloku. Nokho kudinga nabezombusazwe, sidinga ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu kuhulumeni bayahambisana nakuloku ukuze izinto zenzeke. 

Enye into i-Operation Vulindlela ezama ukuyilungisa wukusebenza komasipala. Wumsebenzi osanda kuqala lona emva kokhetho lwangonyaka odlule. Yize kungamangalisi, izinto zihamba ngonyawo lonwabu. Ukusebenza komasipala sekuyingozi emnothweni futhi ukusebenza kwezinto emadolobheni amakhulu afana neGoli kuvame ukuphazamiseka. 

Baningi abathintekayo, okubalwa amabhizinisi okudingeka athuthe, atshale imali kwingqalasizinda ehlukile futhi ebizayo noma avale. Izinselelo lapha zinkulu futhi kuyabonakala uma kubuyekezwa i-Operational Vulindlela, wuhhafu wezinguquko kuphela ohamba ngendlela kuthi ikota yazo inezinselelo. 

Akuyona into ezoshintsha ngokushesha lena kodwa esizibophezele ukuyiphothula. Ekugcineni, indlela yokuhlola ukuthi izinguquko ziyasebenza yini ukukhulisa umnotho. Yize kukhona izinto eziqhamukayo kodwa okumqoka wukutshala imali. Izigidi ngezigidi ezifakwa ekuphehleni ugesi yisibonelo esihle saloku kodwa sidinga kwenzeke emnothweni wonke, kusukela kwingqalasizinda yezokuthutha kuye emafemini. Indlela izinto ezenzeka ngayo lapha ixubile. 

Izibalo ngomnotho zitshengisa ukuthi imali etshalwayo iloku incipha kusukela ngo-2023. Izibalo eziqhamuka eNedbank ziveza ukuthi imali etshalwa yimboni ezimele iyakhula futhi cishe izokwanda kakhulu kunemali esitshaliwe esikhathini esingaphezu kweminyaka eyishumi uma kubhekwa imisebenzi esimenyezeliwe. Inkinga wukuthi ayikho imisebenzi emisha emenyezelwe wuhulumeni.  

Loko kutshengisa ukuthi kuyakhulunywa nje kuhulumeni njengoba imali engaphezu kuka-R1 trillion okwakhulunywa ngayo kwiSabelomali esidlule ingabonakali. Yingakho ngiwujabulele umhlahlandlela wokwakha i-South African Construction Action Plan owethulwe ngesonto elidlule wumNyango wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda. Iqhinga likangqongqoshe uMnu uDean Macpherson liyindlela entsha yokulungisa indlela ebhedayo okuhlinzekwa ngayo ingqalasizinda emphakathini.  

Leli qhinga elinezinto eziyisithupha lilungisa izinkinga ezinqala. Lifaka ukuqikelela ukuthi osonkontileka abahlulekayo ukwenza umsebenzi abaphinde bawuthole. Yisona sizathu lesi sinezibhedlela nezikole ezakhiwayo kodwa zingaqedwa ezweni lonke. Leli qhinga libheka nendaba yemali ukuqikelela ukuthi osonkontileka bakhokhelwa ngesikhathi futhi yonke into ihlale obala. Liphakamisa ukuthi kubeneziko lobuchwepheshe elizosetshenziswa ukwengamela izimpahla nezizinda zokubheka ukuthi umsebenzi uqhubeka kanjani. 

Okokugcina, ihlose ukulungisa indlela okucwaningwa ngayo futhi kubenabantu abaqeqeshelwe imisebenzi abayenzayo, kusukela konjiniyela, abadweba amaplani amabhilidi nabengamela umsebenzi. Wumzamo omuhle lona ozokwenza iNingizimu Afrika ibeyindawo okukhala ipiki kuyo. Uma kwenziwe kahle, kungabayinto ezosiza ukushintsha imali etshalwa wuhulumeni futhi iqale ibonakale ingqalasizinda edingwa umnotho wethu ngokushesha. 

Kulula ukukhathazeka nokuphelelewa yithemba uma kubhekwa lezi zinselelo. Nokho kokunye kuyasiza ukubheka izinto ngeso lomunye umuntu. Ngesonto elidlule, iBLSA ibisemcimbini wokwethula ihhovisi eligqugquzela ukuhwebelana nohulumeni waseSouth Korea eGoli. 

Kujabulisile ukuzwa ukuthi kungani abaseKorea bekhethe iGoli nokuthi baphuthume kangakanani ukulisungula ngoba bebheka okwenzakalayo emhlabeni ngokuhwebelana. 

Ukuzwa bona bekhuluma kanje, alikho elinye idolobha elingcono ukudlula elaseGoli uma ufuna ukungenisa emakethe yase-sub-Saharan Africa ngoba ingqalasizinda isezingeni eliphezulu ukudlula wonke amanye amadolobha ezwekazini i-Afrika. Into enkulu iNingizimu Afrika “eyidayisela” iKorea wothisha. Kuthiwa bangaphezu kuka-11 000 abafundisa isiNgisi. AbaseKorea babona ithuba elikhulu lokunyusa ukuhwebelana phakathi kwamazwe omabili futhi bathatha izinyathelo ezibonakalayo ukwenza loko. 

Kuhlale kubalulekile ukubuka izinto ngeso elifanele. Wonke amazwe anezinselelo zawo futhi kwesinye isikhathi kudinga umuntu wangaphandle ukuze sibone izinto esikwazi ukuzenza. Sinesisekelo esihle esisebenzela phezu kwaso kodwa kufanele sigcine umgqigqo futhi sigxile  ekwenzeni lezi zinguquko esizidingayo. 

I-Operation Vulindlela isisitshengisile ukuthi yini esikwazi ukuyenza uma kuhlelwe kahle futhi uhulumeni ubambisana namabhizinisi. Sidinga lowo mfutho ofanayo ukuthi siwufake kuzona zonke izinguquko esidinga ukuzenza. Yiloko okuzoshintsha umnotho wethu futhi kunike nabantu baseNingizimu Afrika impilo ebafanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page