Amaguzu abalulekile ekunciphiseni izindleko zokuqhuba ibhizinisi nokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane
AMAGUZU abalulekile entuthukweni yezwe futhi aneqhaza elikhulu emizamweni yokwehlisa isivuvujikelele esidalwa wukwanda kokungcola emkhathini.
Ngaphezu kwaloku, ukusebenzisa amaguzu kwehlisa isidingo samaloli emigwaqweni yezwe. Ukwanda kwamaloli emigwaqweni yaseNingizimu Afrika sekudale izinkinga eziningi, okubalwa kuzona ukwanda kwezingozi nokunyuka kwezindleko zokulungisa nokuvuselela imigwaqo.
Emazweni amaningi amaguzu athwala izimpahla eziningi azihambise amabanga amade. ENingizimu Afrika amabanga amade kungaba wukusuka eThekwini uya eGoli. Izimpahla eziningi kungaba ama-container angaphezu kwamabili, kuthi uma lezi zimpahla sezifike lapho amaguzu ezishiya khona zibesezihlukaniswa zithathwa ngamaloli azihambise kumakhasimende.
Umsuka wokwanda kwamaloli emigwaqweni yezwe eminyakeni edlule kwabawukwehla kokusebenza ngendlela efanele kwamaguzu. Osomabhizinisi babekhononda ngokuthi amaguzu eTransnet ayengahambi ngesikhathi. Okusha-nje, iTransnet isizamile ukunyusa izinga lokusebenza kwamaguzu, nokho abamaloli basagcwele emigwaqweni yaseNingizimu Afrika.
Kubalulekile ukuthi amaguzu ahambe ngesikhathi ngoba uma kungenzeki loko kunyusa izindleko zosomabhizinisi. Isibonelo nje, usomabhizinisi onempahla efike ngomkhumbi echwebeni laseThekwini okufanele ithunyelwe eGoli, udinga ukuthi ifike ngesikhathi esithize lapho eyidinga khona. Uma ingafiki ngesikhathi loku kungamdalela izinkinga; kungaphazamisa ukusebenza ebhizinisini, okungagcina ngokuthi lilahlekelwe ngamakhasimende.
Ukungathembeki kwamaguzu eTransnet kwaphoqa osomabhizinisi ukuthi bathuthe izimpahla zabo ngamaloli. Le ndlela yokuthutha izimpahla ibiza ngaphezu kokuthutha ngamaguzu. Uma osomabhizinisi bebheka “izindleko” zokungafiki kwempahla yabo ngesikhathi, ukubiza kwamaloli kwagcina sokuyizindleko ezimukelekayo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/15/kunengozi-yokubaleka-kwamabhizinisi-athutha-izimpahla-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Noko ukwanda kwamaloli emigwaqweni yezwe sekudale izinkinga. Okukuqala, sekwande amaloli angekho esimweni esifanele sokusebenza. Lama loli awaphephile, okuhambisana nokwanda kwezingozi emigwaqweni. Loku kuhambisana nokwanda kwabashayeli abangenabo ubuchwepheshe bokushayela amaloli.
Okwesibili, ukwanda kwamaloli emigwaqweni sekunyuse ukuncintisana phakathi kwabanikazi bawo, kangangokuthi baphoqeka ukuthi balayishe imithwalo engaphezu kwesikali esinqunyiwe ngokwemigomo yezemigwaqo. Le migomo isungulwa ngokubheka ukuthi imigwaqo yezwe ingamelana nobunzima obungakanani.
Ukwanda kwamaloli athwele ngaphezu kwale migomo kusho ukuthi imigwaqo yezwe ayihlali isikhathi esitheni ngaphambi kokudinga ukulungiswa noma ivuselelwe.
Okwesithathu, ukwanda kwamaloli angekho esimweni esifanele sokusebenza kusho ukuthi lolu hlobo lokuthutha izimpahla ezweni kunyusa izinga lokungcoliseka komkhathi. Sekujwayelekile emigwaqeni yakuleli zwe ukubona “iziphefu” (amalambu kapharafini akudala ayekhipha intuthu emnyama bhuqe).
Yingakho nje iNingizimu Afrika kuzofanele isukumela udaba lokunyusa izinga lokusebenza kwamaguzu futhi ukuze kwehliswe isibalo samaloli emigwaqweni.
Ucwaningo lweWorld Bank luveza ukuthi e-India, izinqola zamaguzu ezingabayikhilomitha ubude zithwala umthamo wezimpahla ongadinga amaloli awu-72. Loku sekwehlise ukumpintshana emigwaqweni yase-India, kwanyusa ukuphepha futhi kwehlisa nokungcola komoya.
Noko akuzubalula ukwehlisa isibalo samaloli emigwaqweni yezwe. Abanikazi bamaloli ngeke bakumukele kalula, ikakhulu njengoba le mboni isigcwele nabantu abamnyama abasafufusa. Ukwehlisa isibalo samaloli emigwaqweni kungathathwa njengemizamo yokuvalela abasafufusa amathuba okungena kule mboni.
Ukwanda kokuncintisana kule mboni sekuphoqe izinkampani ezinkulu ukuthi zishintshe indlela ezisebenza ngayo. Ukuthwala izimpahla ezisuka eThekwini ziyiswa eGoli, akusewona umsebenzi obaluleke kakhulu kulezi zinkampani ezinkulu.
Lezi zinkampani zenza inzuzo kakhulu ngokubangabaphathi bokuthathwa kwezimpahla zisuswa lapho zikhiqizwa khona ziyofakwa ezitolo eziwuxhaxha ezweni lonke.
Ngamanye amazwi abakhiqizi bezimpahla noma abazingenisa kuleli zwe zivela kwamanye amazwe sebencike kulezi zinkampani zokuthutha ukuthi ziphathe umsebenzi wonke wokuhamba kwezimpahla zize ziyongena ezitolo noma zisiwe kwamanye amakhasimende.
Loku sekusho ukuthi izinkampani ezaqala zinamaloli kuphela, zithutha izimpahla, sezinama-warehouse lapho zibeka khona izimpahla ngaphambi kokuthi ziziithuthele kumakhasimende.
Ngamanye amazwi usomabhizinisi oneloli nje kuphela ngeke akwazi ukuncintisana ngendlela nezinkampani eziphethe wonke umsebenzi wokuthutha izimpahla ezisuka efemini noma echwebeni ziye esitolo noma kolunye uhlobo lwekhasimende.
Njengoba ngichazile ngenhla, ayikho inzuzo etheni etholakala ngokuthutha izimpahla kuphela ngeloli. Izinkampani ezinkulu zenza inzuzo ebhekile ngokubangabaphathi bomsebenzi wonke.
Uma iqhaza lamaguzu ekuthutheni kwezimpahla eNingizimu Afrika lizobuyiselwa ezingeni lakudala futhi linciphise amaloli emgwaqweni, leli zwe kuzofanele lingagcini nje kuphela ngokuvuselela umsebenzi weTransnet kodwa kudingeka ukuthi landise imizila yezitimela noma lakhe emisha. Sikhuluma nje, i-India isanda kumemezela ukuthi izokwandisa imizila yezitimela ngo-574km, ibanga elicishe lilingane nokusuka eGoli uya eThekwini.


