Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi umbiko womNyango weziMali oncoma indlela lo mkhandlu ophethe ngayo izimali utshengisa ukuthi baphethe kahle. Isithombe: Sithunyelwe

UmGcinimafa uncoma iTheku ngokuphatha imali kahle 

YINTATHELI KAMASIPALA

ISIMO sezimali sikaMasipala waseThekwini simi kahle, okuyinkomba yokuthi izidingo zomphakathi zizoqhubeka zihlinzekwe kahle futhi kutshengisa ukuthi abatshalimali bayawuthemba. 

Loku kuvele embikweni womNyango weziMali owethulwe kwisiThangami seziMeya ebisengesonto elidlule lapho bekubuyekezwa khona ukusebenza komasipala.

Lesi sithangami besiholwa wumqondisi omkhulu woMasipala nokuBuyekeza iSabelomali uMnu uJan Hattingh, ithimba lomNyango weziMali liqinisekisile ukuthi isimo sezimali saseThekwini sihle uma kubhekwa imibiko yezimali necwaningiwe. Loku kutshengisa nokukhula kwemali engenayo nesidingo sokubanezindlela zokuqhubeka nokwenza izinto ezizoqhubeka zisiqinise isimo sezimali. 

Kwezinye izinto ezitshengisa ukuma kahle kwesimo sezimali eThekwini kubalwa: 

• Ukukhokhela abakweletwayo ngezinsuku eziwu-30;

• Ukwamukelwa kwesabelomali; 

• Imali engenile ingaphezu kwezindleko nokwenze kubenenzuzo; 

• Imiholo yezisebenzi iwu-25.3%, okuhambisana nomgomo womNyango weziMali othi kufanele  ibephakathi kwango-25% no-40%;;

• Imali ebekelwe ukutshala kwingqalasizinda ewu-11% nokuhambisana nomgomo othi kufanele ibephakathi kuka-10% no-20%. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/26/umasipala-wasethekwini-uthuthela-efnb/ 

Okunye okuqhakanjiswe wumNyango weziMali: 

• Umasipala awuthembele kwisibonelelo okuqinisa indlela ohlinzeka ngayo izidingo; 

• Igama likamasipala lihle uma kubhekwa indlela okhokha ngayo izikweletu nokwenza ukwazi ukuboleka ukuthuthukisa ingqalasizinda. 

UmNyango weziMali uthe ukuncipha kwemali echithwayo nesetshenziswa kungafanele nokumoseka kwamanzi kungase kwenze umasipala uhambe phambili ekuphatheni imali nokuphatha izimpahla. 

Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba iwuthakasele lo mbiko futhi yagcizelela ukuzibophezela kwamasipala ekuphatheni imali ngendlela. 

“Loku kutshengisa ukuthi siyakwazi ukuphatha kahle. Sizimisele ukudlula bonke omasipala futhi ngeke sididiseke,” kuthembisa yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page