‘Ungajahi izinto ezinkulu kunawe, zizokuqumba phansi’
WUTHOBILE ZWANE
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uPretty Mthombeni, odume ngoDJ Pretty Eyes uMehlorh. Ujwayele ukudlala emicimbini ehlukene nasezindaweni zobumnandi
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wawuyivula kuliphi?
Ngo-2022, ngayivula e-Capitec.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ukuthi uma uyingane akufanele ucele imali kubantu abadala.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ukudla ekhaya nezimpahla zokugqoka.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuthi uma ngibona omunye umuntu eswele okuthile ngimthengele kona.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Iphutha engalenza wukuthi ngisebenzise imali ngendlela engalungile ngithenge izinto ezimnandi kuphela.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha angikaze ngilidlale.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi uma unemali ungavele uthenge noma yini. Kufanele uqale wenze uhlelo lwezinto okufanele uzenze.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Into yokuqala ngingakha umuzi bese ngiqala nebhizinisi.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingabaluleka ngokuthi uma uwumuntu kufanele uzazi ukuthi ufunani empilweni nokuthi ungajahi izinto ezinkulu kunawe ngoba zizokuqumba phansi, ugcine ungasakwazi ukuqhubeleka phambili ngempilo.