Uyasha umsebenzi wokubambisana kukaMasipala waseThekwini neTransnet ukunciphisa imiphumela emibi efana neyezikhukhula zango-2020 eningizimu yedolobha. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseThekwini usayine isivumelwano sokunciphisa umonakalo esizindeni somnotho esiseningizimu

YINTATHELI KAMASIPALA 

UMKHANDLU kaMasipala waseThekwini weseka imenenja yedolobha uMnu uMusa Mbhele ngesivumelwano sokusebenzisana neTransnet ukulungisa umhubhe oseningizimu yedolobha, okuzohlomula ngaso isizinda sezimboni esiseningizimu.

Lo mhubhe obungaphansi kweTransnet kuphela ubalulekile ekuhambiseni amanzi nezinye izidingo eningizimu yaseThekwini. Yiwona futhi oqinisekisa ukuthi uma kunezikhukhula akungeni amanzi amaningi ezimbonini eziseningizimu yaseThekwini, kwazise leya ndawo isengcupheni yokugcwala amanzi. 

Kutholakale ukuthi lo mhubhe udinga ukunwetshwa ukuze ukwazi ukudlulisa amanzi kahle ukuvikela osozimboni nemiphakathi eseningizimu yaseThekwini. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/15/kubekwe-ur217bn-ozoguqula-izinto-ethekwini-imeya/ 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Ephreli wango-2022 kwabanezikhukhula ezimbi ezabulala abantu, zabhidliza imizi nengqalasizinda. Umnotho walahlekelwa wuR75 billion ngenxa yazo. Kusukela lapho umasipala nemboni ezimele uloku wenza ucwaningo ukuthi ingavikeleka kanjani indawo eseningizimu yaseThekwini, ikakhulu iProspecton, lapho kunezimboni eziningi futhi okuyiyona esengcupheni yokungenelwa ngamanzi amaningi. 

Lesi sivumelwano sizovumela umasipala ukuthi ubeyingxenye yezinhlelo zentuthuko eziwuthinta ngqo futhi nezinqumo zezimali zizolandela imigomo ethile. 

Umasipala uthe ukusayina lesi sivumelwano sokusebenzisana kuzoqinisekisa ukuthi izidingo zithunyelwa kalula kubantu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page