Imoto yokuqala yamnika umqondo ongandile webhizinisi lezokuthutha
WUTHOBILE ZWANE
INSIZWA yasePitoli yafikelwa wumqondo webhizinisi lezokuthutha ngemva kokuthenga imoto yayo yokuqala, yabona nokuthi ingadala amathuba omsebenzi entsheni.
UMnu uTiisetso Mosholi, oneminyaka ewu-29, wasungula iRaven Transportation eSoshanguve, ePitoli, eGauteng, ibhizinisi lomuntu omnyama osemusha eliqashisa ngezimoto, lithuthe abantu ngezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambayo, libathwale njengezitatanyiswa futhi lihlinzeke imboni yobuciko ngezimoto.
Uthi ugqozi lokuthi aqale ibhizinisi lwamfikela ngoba ebona ukuthi ezokuthutha zingadala amathuba, hhayi kuyena yedwa kodwa nakwabanye, ikakhulu entsheni edinga umsebenzi wokuziphilisa namakhono.
“Bengifuna ukwakha okuthile okuhlanganisa ukwenza izinto ezintsha ezinomphumela omuhle emphakathini,” kusho yena.

UMosholi uthi ezinye zezinselelo ezinkulu abhekana nazo yizinsiza ezincane zokwandisa umsebenzi, ukungabi ne-website yokubekisa ukuqasha imoto ephuculwe ngokugcwele nokubhalansisa imisebenzi eminingi ayenzayo njengoba kunguye yedwa isisebenzi esiqashwe ngokugcwele sale nkampani.
“I-Raven Transportation ihlukile ngoba iqhutshwa wumgomo oqinile wokunika intsha amandla nokudala amathuba. Njengoba amabhizinisi amaningi ezokuthutha egxile ekwenzeni inzuzo, thina sihlanganisa ukuhlinzeka izidingo nomphumela omuhle emphakathini ngokunika abantu abasha amathuba emisebenzi namakhono embonini yokuthutha,” kulanda uMosholi.

Uthi into emthokozisa ngokubawumnikazi webhizinisi yinkululeko yokwenza izinto ezintsha nokukwazi ukwenza umehluko omuhle ezimpilweni zabantu.
“(Anginaziqu ze-Economics) kodwa bengihambela izingqungquthela zamabhizinisi ukuze ngifunda kabanzi ngebhizinisi. Ngivame ukuthamela izinkulumo zamahhala kwi-internet ezenziwa ngamanyuvesi ahlonishwayo ukuze ngithuthukise ulwazi lwami,” kusho yena.
Uthi uqasha abashayeli abayitoho uma kunesidingo nokuyinto esiza intsha ngamathuba omsebenzi wokushayela izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambayo.
Eluleka abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi qala kancane futhi ngezinto onazo, uzifundise ukulalela futhi ugxile ekwenzeni umsebenzi omuhle.
“Imboni yezokuthutha inzima kodwa ngokusungula izinto ezintsha nombono ocacile ungavula iminyango eminingi. Ungalokothi ubukele phansi ukubaluleka kokufunda ngokuqhubekayo nokululekwa ngabantu abanolwazi olunzulu,” kucebisa yena.
UMoshoi ufisa ukukhulisa iRaven Transportion ibenendlela yokubekisa ngobuchwepheshe, aqashe ngokugcwele intsha eningi futhi abengelinye lamabhizinisi ezokuthutha avelelele asungula izinto ezintsha, ahlomisa intsha ngamakhono abenomphumela omuhle emphakathini.