Imboni yokugembula eNingizimu Afrika ikhula ngesivinini, nokho kuletha usizi kweminye imindeni, kuloba uJabulani Sikhakhane
UKUKHULA kwemboni yokugembula kukhomba ukwanda kobunzima obuthwelwe ngabantu baseNingizimu Afrika njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 umnotho wezwe ukhula ngezinga eliphansi elingakwazi ukumelana nezidingo zezwe.
Kusho ukwanda kokuntuleka kwamathuba omsebenzi nokunganyuki kwemiholo ngezinga elingamelana nezidingo zempilo. Yingakho iningi selizama ezinye izindlela zokuthola imali. Nakuba kuyinkinga ukugembula kodwa abanye abantu bakuthatha njengenye yezindlela abangazama ngazo ukuzifukula ngokwezimali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/25/amaspaza-anemishini-yokugembula-azolahlekelwa-yizimvume/
Kwenzeka konke loku nje kunegebe elikhulu ekulawuleni le mboni, ikakhulu ingxenye yokubheja ngobuchwepheshe. Umthetho okulawulayo waphasiswa yiPhalamende ngo-2008 kodwa awukaqali ukusebenza njengoba udinga ukuthi umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ashicilele usuku lokuqala ukusebenza kwawo.
Ukwanda kokugembula ngobuchwepheshe, ikakhulu ukubheja ngemiphumela yezinhlobo ezihlukene zemidlalo, kuyinkinga emhlabeni jikelele kodwa amanye amazwe anemigomo eqinile elawula ukusebenza kwale ngxenye yemboni yokugembula. Kwamanye amazwe ukubheja ngobuchwepheshe kudinga ukuthi imboni ivimbe abantu abangaphansi kweminyaka ewu-18 ukubheja.
Okuphawulekayo lapha wukunyuka kwemali egixatshezwa izinhlangano zepolitiki ngabanye abanikazi bezinkampani zokugembula, ikakhulu ezokubheja.
Ngokwenkulumo kangqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ePhalamende, imigomo elawula ukukhangisa kwendlela yokusebenza yale mboni kuthiwa ayilandelwa. Wabika nokuthi umkhandlu owengamele ukugembula wagcina ukuhlangana ngo-2018.
Kuyathusa konke loku njengoba ukulawula le mboni kungaphansi komnyango waTau.
Umbiko weStatistics South Africa (iStats SA) ukhomba ukwanda kwengxenye yezakhamuzi zezwe ezisebenzisa imali yazo ekugembuleni. Lo mbiko uchaza ukuthi izakhamuzi ziyisebenzisa kanjani imali yazo ukuthenga izimpahla nokufeza ezinye izidingo. Uqhubeka ucaphune imininingwane yombiko wango-2023/24 weNational Gambling Board, ibhodi elawula ukusebenza kwemboni yokugembula.
Uma kwenziwa izikali zomkhiqizo wezomnotho, umnotho wezwe uhlukaniswa izingxenye eziningi. Phakathi kwazo kukhona ebizwa ngama-personal service, ehlanganisa ezemfundo, ezempilo, ezokungcebeleka nezokugembula.
I-Stats SA ibika ukuthi imboni yokugembula yangenisa uR59.3 billion ngo-2023/24, okuyimali edlula eyango-2022/23 (eyayiwuR47.2bn) ngo-25.7%. Aziziningi izimboni zakuleli zwe ezikhula ngalesi sivinini.
Le mboni isikhule ngokuphindwe ngokubili nohhafu kusukela ngo-2020/21. Loku kukhula kwale mboni kubhebhezelwa wukubheja, kanti ama-casino wona asele emuva.
Ama-casino ayeyingxenye enkulu yale mboni. Ngo-2009/10 ayenza u-84% wale mboni. Ukubheja – kwakuyingxenye ewu-10% yale mboni ngo-2009/10 – kwaqala ukunyuka emva kwaloku, kwathola umfutho omkhulu ngesikhathi se-Covid-19 lapho kwavalwa izingxenye eziningi zomnotho wezwe ukuze kuncishiswe amathuba okubhebhetheka kwegciwane.
Njengoba ama-casino engenye yezindawo ezihlanganisa abantu abaningi ngesikhathi esisodwa futhi besondelana kakhulu, abangezinye izingxenye zomnotho okwadingeka ukuthi zivalwe.
Ukubheja kwahlomula ngalesi sinyathelo ngoba umuntu angazidlalela esendlini, esebenzisa iselula yakhe noma aye ezitolo ezidayisa ukudla ayobheja khona.
Ngokwemininingwane yeNational Gambling Boardgo-2023/24, ukubheja kwasekuyingxenye ewu-60.5% (R36bn) wemboni yokugembula, kuthi ama-casino wona abewu-29.3% (R17bn). Imali eyangeniswa wukubheja yanyuka ngo-51%, eyama-casino ngo-0.1% uma iqhathaniswa nango-2022/23.
Ukubaluleka kwale mboni empilweni yezakhamuzi kwavezwa wucwaningo lweStats SA. Ocwaningweni lokunyuka nokwehla kwamandla emali ukugembula kuyingxenye yezimpahla nama-service angu-391 ezikubhasikidi amanani awo enza i-index i-Stats SA ekala ngayo i-inflation.
Ukugembula – amathikithi eLotto, imali esetshenziswa ema-casino, ukubheja, ibhingo nemishini yokugembula enenani elinqunyiwe senkokhelo – kulinganiselwa ku-1.6% yemali esetshenziswa izakhamuzi. Kuwunombolo 12, kulandelana nobhiya.
Engxenyeni yezimpahla nama-service athinta ezokungcebeleka, ezemidlalo namasiko, ukugembula kuhamba phambili ngokuphindwe kaningi. Kudla ngaphezulu kwangohhafu (u-54.5%) wemali izakhamuzi eziyisebenzisa ukuthenga lolu hlobo lwezimpahla nama-service, phakathi kwazo okubalwa amathoyizi, amapeni, ukudla kwezinja namakati, izincwadi nezemfundo, amabhola emidlalo ehlukene nezimali zokungena ejimini (5.9%).
Ezo-bookmaker nokugembula ngokusebenzisa ubuchwepheshe zahamba phambili ngo-2023, zazikhula ngesivinini esiwu-72% ngo-2023, izinga eliphindwe kabili kunelemboni eyalandela (okwabawu-32.4%). Ezemishini yokugembula zanyuka ngo-26.5% kodwa ama-casino awahlomulanga kakhulu ngaloku.
Abezenhlalakahle emhlabeni jikelele sekukaningi bebika ukuthi ukwanda kokugembula kudala izinkinga, ezinye zazo ezihlukanisa imindeni, kwesinye isikhathi zishiya eminye isenkingeni enkulu yezimali. Loku kudalwa wukuthi ukugembula kufaniswa nesidakamizwa – umuntu osekumjovile akulula ukuthi ayeke kanti ugcina esesebenzisa imali okufanele ondle ngayo umndeni.
