Isikhulu esiphezulu seBlack Business Council uMnu uKganki Matabane uthi uhulumeni kufanele ungawumukeli umbiko ohlanganiswe yizinkampani zaphesheya ezithinteka, okuwukufela ngamathe imizamo yokuthuthukisa izinkampani ezimnyama ebezingawenza lo msebenzi. Isithombe: Sithunyelwe

Umbiko weB20 uqhubeka nokubukela phansi abamnyama – iBlack Business Council

INTATHELI YOMBELE 

INHLANGANO emele osomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) isinxuse uhulumeni ukuthi ungawamukeli umbiko weB20 ohlanganiswe yiBain neMcKinsey, izinkampani ezimbili ethi zibandakanyeka ekugwamandeni amandla ombuso okucekele phansi umnotho wezwe nezinye izinhlaka zikahulumeni.  

I-BBC iphawule kanjena emva kokuthi iB20, uhlaka lwamabhizinisi oluyingxenye yeG20, luhambise iziphakamiso eziqhamuka emakomitini ayisishiyagalombili anezinyanga esebenza ukuqhamuka nezisombululo ezithinta izimboni ezihlukene.  

Lezi ziphakamiso zidluliselwe kungqongqoshe womNyango weziNdaba zangaPhandle uMnu uRonald Lamola emasontweni amathathu edlule. Lama komiti abunjwe ngabanye bosomabhizinisi abanamava eNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe abebhunga ngezisombululo emikhakheni yezimali, ezobuchwepheshe, ingqalasizinda, ezemfundo, ezokuthutha nezamandla.

Ezinye izincomo ezenziwe yiB20 zithi kufanele kubekhona izizinda zomnotho eziyikhethelo, phecelezi ama-special economic zone, okubhekwe ukuthi zisize ukuphucula ezokukhiqiza, ukwandisa ingqalasizinda okudonswa umoya we-internet ngayo, okuzosiza ukwandisa abantu abakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe ukuze kuphele ukungalingani ngenxa yaloku futhi kuphuculwe nendlela okuhlinzekwa ezemfundo ngayo. 

Isikhulu esiphezulu seBBC uMnu uKganki Matabane uthe iqhaza leBain ekumosheni indlela umqoqintela iSouth African Revenue Service osebenza ngayo kanjalo neleMcKinsey enkohlakalweni eyenzeka ngezinye izinkontileka e-Eskom naseTransnet kwaba nesandla ekuzitamuzeleni izinsizakusebenza zikahulumeni. 

“Akukholakali ukuthi iBusiness Unity South Africa (iBusa) ingasebenzisa lezi zinkampani ekubeni zikhona izinkampani zabantu abamnyama ezingawenza kahle lo msebenzi. 

“Njengoba kuvele kukhona abantu abafuna ukuhlehlisela emuva imigomo eyenzelwa ukufukula iqhaza labantu abamnyama emnothweni i-Broad-Based Black Economic Empowerment (i-B-BBEE) ukuthembela kuzona kanye lezi zinkampani ezinkulu ezikhohlakele kuhlehlisela emuva ukuzibophezela kweBusa ekuletheni uguquko. I-B-BBEE ayisona nje isiqubulo, iyisithembiso kubantu baseNingizimu Afrika,” kusho uMatabane. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/10/kungani-ib20-ibalulekile-emnothweni-weningizimu-afrika-kuloba-ubusi-mavuso/  

UMatabane unxuse umengameli uMnu uCyril Ramaphosa nabanye abaholi kuhulumeni ukuthi baqinisekise ukuthi ukuguqula nokubuyekeza umnotho kufaka namabhizinisi abantu abamnyama ngempela kungenzelwa ukugcina icala nje. 

“Ukwamukela umbiko obhalwe ngaphandle kwamabhizinisi amnyama kuwukushaya indiva izigidi zabantu abamnyama futhi kubeka engcupheni inqubekelaphambili kwezenhlalakahle nasemnothweni,” kukhala uMatabane.  
Ngesonto elidlule iBusiness Leadership South Africa ikushayele ihlombe ukuhlanganiswa kwalezi ziphakamiso njengoba ithe zonke lezi zincomo zingasiza “ukungenisa lo- R1 trillion odingekayo ukuthi utshalwe kwingqalasizinda eminyakeni emithathu ezayo.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page