UMnu u-Owethu Ndzabe, umsunguli weNovashine Mobile yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, ewasha izimoto lapho amakhasimende ekhona. Izithombe: Zithunyelwe

Umfundi wasenyuvesi uwasha izimoto emakhaya abantu

NGUBASETSANA MAHAPA

UMA ungakwazi ukuyowasha imoto lapho ziwashwa khona, insizwa yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, neviyo layo bafika kuwena.

UMnu u-Owethu Ndzabe ungene emkhakheni wamabhizinisi nomqondo ohlukile waqhamuka nendawo yokuwasha izimoto eya kubashayeli. Injongo yeNovashine Mobile akusiko ukwenza lula impilo yamakhasimende kuphela kodwa nokudala amathuba omsebenzi entsheni.

UNdzabe, odabuka eMossel Bay, eNtshonalanga, Kapa, uwumsunguli nesikhulu esiphezulu sale nkampani ethula amakhasimende umthwalo emahlombe.

Lo somabhizinisi owenza unyaka wokuqala eDurban University of Technology, ophikweni oluseMgungundlovu, uthi into eyamkhuthaza ukuqala ibhizinisi wukubona ezinye izitshudeni ziswele imali.

“Ngihlale endaweni ehlala abafundi abangaphezu kuka-300 kanti iningi labo lixhashwe yiNSFAS (iNational Student Financial Aid Scheme) kanti isibonelelo sisheshe siphele,” kusho yena. “Bengifuna ukwenza ibhizinisi elingeke ligcine ngokusiza mina kodwa elinika ezinye izitshudeni itoho.”

INovashine, ayibhalise ekuqaleni kwalo nyaka,  ihluke kwezinye izindawo zokuwasha izimoto ngokuthi iya lapho ukhona. Besebenzisa i-pressure washer, ama-vacuum cleaner nezinto zokugcoba nezokufutha imoto, uNdzabe nethimba lakhe lezisebenzi eziyisikhombisa babizwa ngamakhasimende ukuzowawashela imoto lapho esuke ekhona, okwenza singabibikho isidingo sokuthi ikhasimende libambe ulayini endaweni yokuwasha izimoto.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/03/25/in-house-car-wash/

“Inselelo enkulu esinayo yinto yokuhamba. Ukubiza u-Uber ukuze sifinyelele kumakhasimende yizindleko ezimile esasingazilindele. Isifiso sethu wukuhlanganisa imali yemoto yokuwasha, okuzosisiza ukuthi sisize amakhasimende amaningi nokuthi sisimame,” kusho yena.

Uqale ngemali encane ethembele emalini etshalwe ngabangani bakhe nabantu abamesekayo, wakwazi ukuthenga izinto ezidingekayo zokusebenza.

“Izindawo zokuwasha imoto eziyakubantu ziseyibhizinisi elingajwayelekile emkhakheni wamabhizinisi amancane eNingizimu Afrika kodwa akwazi ukudala amathuba omsebenzi nokuletha umsebenzi owenza impilo yabantu ibelula. Sengiqashe izitshudeni eziyisikhombisa kanti ngifisa ukukhulisa umsebenzi ngokufaka abanye abafundi balapho engihlala khona uma umsebenzi ususimeme,” kuphetha uNdzabe. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page