Amatele amise kabi imboni yabadayisi basemgwaqweni
WUZANELE SONGO
EZINKABENI zamadolobha nasemalokishini abadayisi abanamatafula abanjengoNks uRitshidze Sibadali noMnu uXolani Mathe banamabhizinisi angqangqayo apheka ukudla kwesintu abaziphilisa ngawo naqhuba isiko labo.
UNks uSibadali uwumnikazi webhizinisi lokudla laseGoli iCooking with Ritshidze kanti uMathe uwumnikazi weSkobo Sethu saseSharpeville, epheka ikhanda lesiklabhu.
Nokho ibhizinisi likaNks uSibadali nelikaMathe abhekene nezinselelo ezinqala. Ukubheduka kwamatele kuphazamise ukudayisa inyama, kwenza kwabanzima ukuthola inyama esezingeni elihle, kwakhuphula namanani.
UNks uSibadali uthi: “Le nkanankana iphazamisa ibhizinisi lami kakhulu njengoba inyama yomsila wenkomo iyisidlo esithandwa kakhulu ekudleni kwami ngoba yenze kwanzima ukuyithola. Iyabiza kanti ayitholakali njalo.”
“Ngiyibhizinisi elincane, ngakho angikwazi ukuyithenga ngamaqoqo. Ngivame ukuthenga isitoko samasonto amabili kanti uma ngiyothenga esinye isitoko, sivame ukungabikhona. Kunzima ngempela kanti lesi simo siloku sibhebhetheka,” kusho yena.
NgoSepthemba, iNyanga yamaGugu, uMathe uvame ukubanamakhasimende amaningi, abantu befuna ukudla kwesintu.
Nokho ubhekene nezinselelo ezinqala, okubalwa kuzona amanani abizayo nobunzima bokuthola ikhanda lesiklabhu.
“Kuhle ukubona abantu befuna ukudla kwethu ngeNyanga yamaGugu. Kusikhumbuza ukuthi ukudla kwethu akusona isidala. Nokho akulula. Isikhobho siyabiza kanti mina njengoba ngiwumpheki omncane nje kunzima ukuthola usizo lwezimali, ikhishi elikhulu nezinsizakusebenza zokuthi kubelula ukwenelisa amakhasimende,” kusho yena.
Meanwhile, umNyango wezoLimo ubike ukuthi usuthole amathamo omgomo wamatele awu-900 000 ukubhekana nokubheduka kwawo ezifundazweni ezihlukene.
Ungqongqoshe womnyango uMnu uJohn Steenhuisen uthe imigomo ethengwe kwiBotswana Vaccine Institute ngoR72 million isatshalaliswa KwaZulu-Natali, eMpumalanga, eLimpopo, eGauteng, eNorth West naseFree State.
Amathamo omgomo okuqala awu-500 000 afika ngoJuni kanti asesetshenzisiwe, kwathi asale awu-400 000 aqale ukusatshalaliswa ngesonto elidlule. “Ekuqaleni kwango-2025 amatele abebheduka eKZN kupheka kodwa ngeshwa ngasekupheleni kwangoMeyi wango-2025 abesebheduka kwezinye izifundazwe,” kusho ungqongqoshe – omunye obhalile wu-Afhulufhedzeaho Olga Mulaudzi
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za