‘Imali iyahlonishwa ungayibhayizeli’

WUTHOBILE ZWANE 


Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNonjabulo ‘Njabs’ Zwane, umsakazi weGagasi FM othula uhlelo i-The Lift Off phakathi nesonto njalo ngo-9 ekuseni kuya ngo-12 emini, umphathi wohlelo emicimbini nowathola indondo i-Rising Star ngo-2017 emcimbini weLiberty Radio Awards

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngisemncane nganginikwa imali engekho ngoba uMa wayegxile ekutheni ngiphathe umphako esikoleni. Wayethi angiyidingi imali ngoba nginakho konke. Imali engingathi imali ebhekile ngangiyithola sengisenyuvesi.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

UMa wangivulela i-akhawunti ngineminyaka emithathu kuya kwemine. Wayivula eBOB (eBank of Baroda. Mina ngizivulele eyami i-akhawunti sengifunda u-Grade 9, ngayivula e-Absa.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/12/20/asizijabulise-uma-sinemali-kodwa-sicabangele-ikusasa/

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali iyafika futhi iyahamba. Kwakunezikhathi lapho yayingekho yona, kwabanezikhathi lapho eyayikhona futhi iningi. 

Into engayifunda kuMa wukuthi akuyona imali eningi oyidingayo ukuze uphile impilo emnandi (kodwa) okwenzayo ngonakho okukuvumela ukuthi uphile impilo ethile. 

Mina ngathola sengimdala ukuthi ekhaya sasingacebile ngendlela engangicabanga ngayo ngoba zaziningi izinto engangikwazi ukuzithola, abazali bengithengela zona ezinye izingane eziphila emindenini ekahle ezazikuthola. 

UMa wangihlalisa phansi sengisebenza wangitshengisa imali ayesikhulisa ngayo, (ngabona) ukuthi kwakuyimali eyayingekho.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawubhubhudla umholo wami wokuqala. Kwakuwumholo ongatheni. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Sengenze izinto eziningi ngemali, sengihambile ngivakashela izindawo ezihlukene, ngakwazi ukuthenga izindawo zokuhlala, ngathenga izimoto, ngakwazi ukuzinakekela ngiwumuntu wesifazane ozimele nsuku zonke, ngazijabulisa ngokwenza izinto ezizongenzela enye imali.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukungayihleleli imali. Ukungayihleleli imali kusho ukuthi awuzazi ukuthi usebenzela phezu kwani. Kuchaza ukuthi awukwazi ukuhlela. Uma uthi uyayihalela into manje, kulula ukuthi uma unoR5 000 uyithenge. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Yihloniphe imali. Thina indaba yenhlonipho sifuna ukukhuluma ngayo uma kuza kubantu kuphela kodwa uma kuza ngasemalini asiyihloniphi. Imali uma uyibhayizela, ungayihloniphi, izokuwisa.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingayidla nje. Ngeke ngiqambe amanga. U-R200 000 ngingazijabulisa. Emva kwaloko sengingabona ukuthi uR800 000 ngiwufaka kuphi.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Thola ukululekwa ngokwezimali. Kunzima ukuzama ukuthi sizihlelele thina ngokwemali ngoba izikhathi azifani. Sinezikhathi ezihamba kahle nezingahambi kahle. Thina asinazo izinto ezifana nesikhwama sempesheni. Lezo zinto kufanele uzenzele wena. Kufanele usheshe uthole usizo lomuntu ozifundele izinto zemali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page