Abaphathi be-uShaka Marine World bazoqhubeka nezinhlelo zokuheha izivakashi njengoba benikwe uR79.4 million wuMasipala waseThekwini. Isithombe: Sithunyelwe

I-uShaka Marine World yabelwe uR79.4 million wokusebenza 

YINTATHELI KAMASIPALA 

UMKHANDLU kaMasipala waseThekwini uphasise ukuthi indawo eheha izivakashi iDurban Marine Theme Park (iDMTP), eyaziwa nge-Ushaka Marine World yabelwe uR79.4 million wokusebenza ngonyaka wezimali wango-2025/26. 

I-uShaka Marine World yinkampani kamasipala ebhaliswe ngaphansi kwesigaba 86B se-Municipal Systems Act (umThetho 32 wango-2000) futhi ibhaliswe ngokomthetho wezinkampani i-Companies Act (umThetho 71 wango-2008 owachitshiyelwa).

I-DMTP yasayina isivumelwano esingunaphakade ne-South African Association for Marine Biological Research (iSAAMBR), inhlangano engenzi nzuzo enakekela zilwane zasolwandle. Kulesi sivumelwano iDMTP yavuma ukuthi yiyona ezokhipha imali yokusebenza kwale ndawo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/22/umasipala-wasethekwini-ungenise-ur1bn-ngokuphulela-abantu-izikweletu/

Ngokombiko othulwe emkhandlwini iSAAMBR ikhokhelwa njalo ngekota bese kuthi imali yokukhanda nokunakekela ezinye izinto ikhokhwe uma umsebenzi wokuzilungisa usuphothuliwe. 

Khonamanjalo, usuphothuliwe umbiko wokuphendula iClairwood ibeyisizinda semboni yokuthutha ezobizwa ngeClairwood Logistics Park. 

I-Clairwood isendaweni enhle ukuthi ingaba yisizinda semboni yokuthutha. Izinkinga ezikhona ezokuthi iziza zincane ukusetshenziswa yimboni yokuthutha nemigwaqo emincane nokuxuba izindawo zokuhlala nezimboni. 

Loku kudinga ukuthi ihlelwe kabusha ukuze ikwazi ukuba yisizinda semboni yokuthutha. Ngokombiko, zonke izindawo zokukhonza, amathuna, izakhiwo ezingamagugu nepayipi legesi liyingxenye yezinhlelo ezintsha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page