UNksz uHlobisile Yende, umsunguli weThe Yende and Partners yaseHeidelberg, eGauteng, inkampani yezolimo. Izithombe: Zithunyelwe

Olima ngezindlela zesimanje uqhuba igama lomndeni kwezolimo

WUTHOBILE ZWANE

UMA kukhulunywa ngezolimo eNingizimu Afrika, kwesinye isikhathi kunabantu abafafaza inkoleloze yokuthi abantu abamnyama baqale ukubanentshisekelo yale mboni ngesikhathi okuqalwe ngaso uhlelo lokubabuyisela umhlaba ababephucwe wona ngesikhathi sobandlululo, okungelona iqiniso.  

Umlimi wasemagqumeni aseHeidelberg, eGauteng, uNksz uHlobisile Yende, owumsunguli weThe Yende and Partners, ungomunye wabantu abakhumbazanayo ukuthi lo “mlando” ungamanga.

UNksz uYende, oneminyaka ewu-28, uyisizukulwane sesithathu kubo ukubawumlimi. Ukulima yinto esegazini kuye njengoba ekhule ngakho kodwa akakaze acabange ukuthi angaqhubela phambili ifa lezolimo lomndeni wakhe. Izinto zashintsha ngo-2020 ngesikhathi ukuvalwa kwezwe ngenxa ye-Covid-19 kumbuyisela emhlabathini. Ukusiza uyise ngamaphepha ngokushesha kwaphenduka uthando lomhlaba. 

Lo mlimi, one-Bachelor of Social Science yaseMonash University South Africa, wenza ezolimo ezixubile emhlabeni ongamahektha awu-1 064. Ipulazi lakhe likhiqiza izitshalo ezisheshayo njenge-butternut ne-squash ukuqinisekisa ukuthi imali iyalekelela emsebenzini wokunakekela imfuyo nokunye epulazini ukusimamisa umsebenzi.

Le ndlela yokusebenza yenza ibhizinisi lakhe likwazi ukumelana nezinselelo zokuguquka kwesimo somnotho. 

Okunye okumsizayo wukuqonda ukubaluleka kokwenza into eyodwa ngesikhathi nocwaningo ngaphambi kokukhetha izitshalo agxila kuzona. “Abalimi abaningi benza iphutha lokuzama ukwenza yonke into ngesikhathi esisodwa. Ngifunde ukukhetha amabhizinisi ahambisanayo, asekelanayo futhi ahambisana nezidingo zemakethe.

“Ukuqonda imakethe yakho kubaluleke kakhulu njengokuqonda umhlabathi wakho. Ngifunde ngokwenza ukuthi ukutshala okuhle akusho lutho uma ungenabo abathengi,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/19/ufuye-izinkomo-ezingaguli-njalo-umfuyi-owayebelwa-imfuyo/

UNksz uYende uthi usefunde ukuthi impumelelo ayiveli ngokubambelela ezindleleni ezindala kodwa idinga ukuthi uhlole izimakethe ezintsha ukuzisimamisa. Uthi izindlela ezintsha zokulima nokuphatha amanzi ngendlela efanele ngezinye zezinto ezisizayo. 

UNksz uYende egabisa ngezinye elisemhlambini weThe Yende and Partners 

“Ukulima akuyona nje into yomkhiqizo kuphela kodwa yinto ethinta nabantu,” kusho yena.

I-The Yende and Partners iqokwe yayi-Training Initiative of the Year emqhudelwaneni wezoLimo waseNingizimu Afrika. Lolu hlelo lugxile ekufundiseni abantu besifazane abasebasha ukuze bakhule babengabalimi abadayisa imikhiqizo yabo. 

 “Lokhu kungifundise ukubaluleka kokutshala imali kubantu. Ukuhlomisa abantu besifazane kwezolimo akushintshi nje izimpilo zabantu kodwa kuguqula imiphakathi.”

Instagram: theyendeandpartners

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page