‘Tshala imali, kunokuyonga, ukuze izale’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uNhlanhla Ntuli, odume ngelikaRattata, umculi wama-piano negqom. Uzakhele ugazi ngokushaya ngemidanso esteji uma enandisa. Usanda kukhipha iculo elithi Mina nawe

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo ngangiphiwa. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo-2012 eCapitec.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga izicathulo, ngashaya nezincwadi zokushayela.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi uma unemali kufanele wenze imali yakho ikwenzele enye imali. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/22/ungazikhukhumezi-uma-unemali/

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga izimpahla zasendlini ekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukutshala imali ebhange, ngayikhipha isikhathi singakashayi.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma ubeka imali ebhange, ngokuhamba kwesikhathi ayenzi nzuzo kodwa uma uyitshala iyakhula.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathenga umhlaba, ngakhe imiqasho eyizisitezi, ingxenye ewu-10% ngithenge amasheya, enye ngilungise ekhaya, ngithenge nemoto engizohamba ngayo nsuku zonke.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Uma kuseyithuba lakho lokugqama nemali isangena ibeningi, yenza into ezokufakela imali ngisho usuhleli phansi. Abaziyo bathi imali yinhle kodwa akufanele uphenduke isigqila sayo, kufanele uyisebenzise kahle. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page