I-two-pot retirement isize uhulumeni waphefumula
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseKapa
UKWETHULA i-two-pot retirement system kusize uhulumeni waqoqa intela engconywana kunobuyilindele. Yize imali ozoyingenisa ekupheleni konyaka wezimali wango-2024/25 ingaphansi ngoR19.3 billion kodwa kungcono kunokwakulinganisiwe ngesikhathi kwethulwa iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngo-Okthoba ngonyaka odlule.
Kulesi sabelomali i-Medium-Term Budget Policy Statement kwakubikwe ukuthi imali okulindelwe ukuthi ingeniswa wuhulumeni izoba ngaphansi ngoR22bn.
“Kuze kubemanje imali esingenile isisidlulile isilinganiso esasibekiwe ngo-2024/25 njengoba intela ibewuR11.1bn ekupheleni kwangoJanuwari. Kulindeleke ukuthi kuqhubeke ukukhipha imali njengoba abantu beqhubeka (nokuyikhipha),” kusho umGcinimafa.
I-Two-pot retirement system wuhlelo olusha lwempesheni oluvumela abantu ukuthi banyule empeshenini yabo singakafiki isikhathi sokuthatha umhlalaphansi olwethulwe ngoSepthemba ngonyaka odlule. Ingxenye ewu-one-third ibekwa esikhwameni sokonga imali nokuyiyona umuntu akwazi ukuthatha kuyona kanye ngonyaka, kuthi u-two-thirds utshalwe kuze kufike isikhathi sokuthi umuntu aye empeshenini.
Ukhomishana wophiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter uthe ingaphezudlwana kukaR43bn imali esikhokhwele abantu abanyula empeshenini yabo.
Echaza ngezinto ezibenesandla ekwehleni kwentela, uKieswetter uthe ukunganyusi intela ebanjwa kuphethroli kubenesandla nokwanda kokusebenzisa ugesi ophehlwa ngelanga kusho ukuthi i-Eskom isebenzise udizili ongaphansi kobekulindelekile, athe kusho ukuthi intela abayitholayo ngaloku inciphile.
“Enye into yintela esiyikhokhisa ngezimpahla ezithengwa kwamanye amazwe. Besilindele ukuthi lezi zimpahla zizonyuka ngo-3.8% kodwa kunaloko zehle ngo-1.3%,” kusho yena.
Eminyakeni emithathu ezayo kulindeleke ukuthi imali ezosetshenziswa wuhulumeni ikhuphuke ifinyelele kuR2.84 trillion ngo-2027/28. Ngale kwezemfundo nezempilo, okuyizona ezabelwa imali enkulu kanti nakuloku okuzogxilwa kuzo, enye imali eminyakeni emithathu ezayo izosetshenziswa kanje:
- U-R46bn uzotshalwa kwingqalasizinda;
- U-R35.2 bn uzosetshenziswa ukulula isibonelelo sabangasebenzi kuzekubewuMashi wango-2026;
- U-R23.3bn wokunyusa imiholo yezisebenzi zikahulumeni;
- U-R5bn wezindleko zokutshala amasosha eDemocratic Republic of Congo;
- U-R4.6bn ngo-2025/26 wezinhlelo zemisebenzi zikahulumeni;
- U-R3.2bn ngo-2025/26 wokukhokhela ingxenye yesikweletu seSANRAL bese kuthi isifundazwe iGauteng ikhokhe uR13.4bn walesi sikweletu.
KwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali, uhulumeni wamemezela ukuthi uzosebenzisa uR11bn ukukhuthaza okungenani izisebenzi eziwu-30 000 ukuthi zisheshe zithathe umhlalaphansi ukunciphisa izindleko zemiholo.
Iphini lomqondisi-jikelele eHhovisi leSabelomali UMnu u-Edgar Sishi lithe: “Asikakwazi ukusho isibalo esiqondile sabantu abafake izicelo kodwa esikwaziyo ukuthi baningi abantu abanesasasa ngaloku.”
UmGcinimafa ulinganisa ukuthi uzokonga cishe uR23.4bn eminyakeni emithathu ezayo ngenxa yaloku.