Abanempesheni encane banyula kakhulu – ucwaningo
WUBONISWA MOHALE
UKUBHEDA kwesimo somnotho nokungabinemali eyanele yokufeza izidingo kwenze abantu baseNingizimu Afrika banyula imali abayilondolozele umhlalaphansi ngobuningi babo.
Ngonyaka odlule uhulumeni uvumele abantu ukuthi bagcobhoze emalini yabo yempesheni ngohlelo olusha i-Two pot retirement system. Kulolu hlelo kunengxenye elondolozelwa umhlalaphansi bese enye ibekwa ukuze olondoloza imali esikhwameni sempesheni akwazi ukuyithatha uma kunezidingo anazo. Imali ecashunwayo iba wuR30 000 okhishwa kanye ngonyaka.
Ucwaningo olusha lwenkampani esiza ukulondoloza imali yabantu yempesheni, i-Alexforbes, i-Two Pot Retirement Survey, luveze ukuthi u-80% wabantu abanyula imali yempesheni bayikhiphela ukukhokha izikweletu, ukubhekana nezindleko zempilo, okubalwa ukukhokhela izingane imali yesikole nokwenza izidingo zomndeni bese kuthi u-13% uyikhiphela ukwenza izinto ezibaluleke kakhulu, njengokuyitshala ngezinye izindlela ukuze izozala, ukulungisa imizi, ukukhokhela izikweletu ezithinta ezempilo, ukulungisa izimoto nokunye.
Abanye abantu kuthiwa bayikhiphela ukuzithuthukisa okubalwa ukubuyela esikoleni nokunye okuthinta bona ngqo.
I-Alexforbes ithi akekho umuntu obenyula emalini yempesheni ngoba engenasidingo esibalulekile afuna ukusifeza.
Ucwaningo belubheka okwenziwe ngabantu kusukela ngoSepthemba kuze kube sekupheleni kukaNovemba wonyaka odlule.
Kukhulunywe nabantu abalondoloze imali e-Alexforbes abawu-8 200 nokubheka izizathu ebezibekwa ngabangaphezu kuka-1 million abalondoloza imali yempesheni.
Kuvele ukuthi abakhipha imali baneminyaka ewu-31 kuya ku-51. Abanyula kakhulu ngabanemali ewuR250 000 nangaphansi esikhwameni sempesheni.
I-Alexforbes ithi kusukela kuvulwa ithuba lokunyula ngoSepthemba wonyaka odlule kuzekube sekupheleni kukaJanuwari isikhokhe uR7billion iwunika abantu abawu-370 000 abanyule imali yabo yempesheni.
Isikhungo esiqoqa intela eNingizimu Afrika i-South African Revenue Service (iSARS) sithi isigunyaze izicelo zokukhokha imali yabanyula impesheni eziwu-2 403 379. Kusho ukuthi imali esikhokhelwe abantu iwu-R43.42bn.
Esitatimendeni sabezindaba iSARS ithi abantu basebenzisa ubuchwepheshe uma sebefuna ukunyula njengoba bewu-90 283 ababale intela abazoyikhokha ngohlelo lweSARS luka-Whatsapp, abangene kwi-website bawu-952 403, ababuze online bawu-128 802 bese kuthi abawu-24 278 bebeziyela emagatsheni.
I-SARS ithi umsebenzi wayo ubuwenziwa lula ngabangamele izikhwama zempesheni akade beshesha ukusiza abafuna ukunyula.
Ukhomishana weSARS uMnu uEdward Kieswetter uzwakalise ukukhathazeka ngabakhokhintela abawu-213 654 abafake imininingwane okungesiyo yemali abayiholayo ngenhloso yokuhlomula.
“Uma umkhokhintela eqamba amanga ngomholo wakhe ngenhloso yokukhokha intela encane, uzojeziswa ngoba kuyicala ukwenza loku. Ngiyabacela abakhokhintela bawuyeke lo mkhuba ngoba ngeke uphele kahle kuzoba nemiphumela emibi,” kululeka yena.