IBAMBE NGAKHO I-DURBAN TOURISM

KUSUKELA ngempelasonto kunenkulumompikiswano ngohambo lwezicebi ebezivakashele phansi kolwandle ngoba zithi zifuna ukuyobona lapho kwasalela khona izinsalela zomkhumbi owacwila kudala iTitanic. 

Ngeshwa uhambo lwalezi zicebi luphenduke isibhicongo nalo njengeTitanic njengoba isiqinisekisiwe imibiko ethi isithuthi abebehambe ngaso, i-submersible siqhumile bashona bonke abantu abahlanu abebekuso.

Labo asebeyiphendule ihlaya le nhlekelele bathi bakwenziswa wukuthi emhlabeni abantu abacebile baphathwa ngendlela ehlukile kunabantulayo. Bathi abantu abahluphekayo bayehlelwa yizinhlekelele kodwa akunyakazi umhlaba ngendlela okwenzeke ngayo kuloku. 

Yinhlekelele engajwayelekile lena eyenzekile nokungakho inakwe kangaka. Kepha-ke kuyiqiniso ukuthi indlela abantu abanakwa ngayo ike ihambisane nokuthi bakuliphi izinga empilweni. Yingakho namhlanje sifisa ukuncoma iDurban Tourism ngokuthi ithi uma yethula imiklomelo yosomabhizinisi iDurban Business Tourism Awards abasembonini yezokuvakasha ibuke ngeso elibanzi.

Kuhle ukubona ukuthi bathe uma bebheka osomabhizinisi kwezokuvakasha bakhumbula ukuthi akubona kuphela abantu abenezindawo ezilala izivakashi nabahambisa izivakashi uma zifuna ukubona izindawo ezihlukene. 

Kepha nabantu abathutha izivakashi ngezigadla orisho bawosomabhizinisi futhi bayingxenye yemboni yezokuvakasha. Yingakho sikushayela ihlombe ukuthi kuklonyeliswe nabantu abafana noMnu uMjabuliseni Dlamin oseneminyaka engaphezu kwewu-10 enaleli bhizinisi.  

Kuhle futhi nokuthi kubhekwa nosomabhizinisi abenza umsebenzi wezandla nobuhlalu njengoNkk uSolani Mtshali, odle umhlanganiso kulo mkhakha.  

Awukwazi ukukhuluma ngezokuvasha eThekwini kodwa ungakhulumi ngorisho nomama abadayisa imihlobiso yobuhlalu. Kodwa bekungalula ukuthi labo somabhizinisi banganakwa ngoba imisebenzi yabo ayenziwa ngabantu abadumile futhi abacebile.

Kuthokozisile nokuzwa labosomabhizinisi bethi le mali abayiwinile bazoyisebenzisa ukuphucula amabhizinisi abo ngoba kukhombisa ukuthi bayawuhlonipha umsebenzi futhi bayawahlonipha namakhasimende abo.  

Sengathi nabanye bangasika iphethini kwiDurban Tourism, babuke izinto ngeso elibanzi ezimbonini zabo. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page