Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMduduzi Nombela, umculi, umdansi nomlingisi wemidlalo yeshashalazi neyethelevishini. KwiMbewu: The Seed udlala indawo kaPhunyuka Khanyile kanti kuZalo wayewuBhomu. Kweminye imidlalo yeshashalazi aseke walingisa kuyona yiBigly Yuge, i-Mashu The Musical, i-10 Days in a Shebeen, i-House of Shaka ne-Lion King
Usemncane wawuphiwa imali?
Hhayi cha, ngangingaphiwa. Isikole sasiduze nasekhaya, ngakho ngangivele ngigijime ngiyodla ekhaya bese ngiphindela esikoleni. Kwakwenzeka ngiphiwe u-two bob (u20c). Ngo-two bob ngangithenga igwinya no-polony, ngithenge ne-coconut cake.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?
Ngangina-16. Ngayivula eNBS (iNatal Banking Society).
Yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali ekukhuleni kwakho?
Into eyahlala kakhulu kimina wukuthi yayingekho imali ekhaya kodwa abazali bami babezama.
Waqala nini ukusebenza, kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngo-1999 noma ngo-2000 lapho… Ngahola uR150. Ngangisebenzela uBab’ Bongani Linda e-Uncle Tom’s (Community Centre), ngemva kokusebenza kuBab’ Gibson Kente.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
UR150 engawuhola ngangibela ngawo. Ngangihlala kwa-anti eSpruitview (e-East Rand). Ngagibela ngihambe ngixhuma. Ngasuka kwa-anti, ngagibela ngaya e-Alberton, ngabamba into eya eGoli, eGoli ngabamba isitimela esiya e-Orlando. Yaphelelela ekugibeleni.
Yini into enhle owake wayenza ngemali?
(Ngafakela) uMa iDStv. Emva kwaloko, uma eyalela abantu ekhaya wayebayalela athi “kuloya muzi oneDS…” (efa yinsini).
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthi uma ngixabene nomuntu ngicabange ukuthi lobo buhlungu buzoqedwa yimali. Uxabane nomuntu, uthathe imali yakho yokugcina ugibele uye eCape Town, ubuye kodwa kusenjalo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini?”
Wemf’wethu ngake ngangena. Ngangena kuMMM, cabanga wawa noR9 000 wonke wami!
Yisiphi iseluleko esihle owake wasithola ngemali?
Angazi noma sihle yini? Kodwa uBaba wayethi ngeke kukusize ngalutho ukubeka imali ube ulambe manje.
Uma ungawina uR1 million kwi-lottery ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakhokhela zonke izikweletu zami bese ngiphila kahle ngingasenasikweletu. Hheyi, wem’fwethu izikweletu zisiphilisa kabuhlungu!
Ungabeluleka uthini abanye abasembonini okuyona ngokuphatha imali?
Mf’wethu ngikholwa kakhulu wukuthi kunezinto esizifundiswa emakhaya kanti siyazazi. Ngingathi kumaciko awayeke ukuphapha, afune ukubukwa ngemali uma enayo. Umuntu afune ukuba mdibi nabanye abantu ngemali. Umuntu akaphile ngokusemandleni akhe.