KUSAZONYUKELA

SANIBONA bafundi boMbele onyakeni omusha u-2023.

Kuyintokozo ukuthi siphinde sihlangane kulo nyaka njengoba sisazibophezele ukunethulela izindaba zomnotho, osomabhizinisi abancane, ezolimo nezobuchwepheshe ngesiZulu. 

Unyaka odlule ungomunye weminyaka ebinzima emnothweni nakosomabhizinisi. Kuqonge amanani ezimpahla ekubeni amandla emali ehlile emhlabeni wonke, isimo esibhebhezelwe yimpi ephakathi kweRussia ne-Ukraine. 

Ugesi usaqhubeka uyashoda njengoba kumanje ukucinywa kwawo kusesigabeni sesithupha. Kwenzeka loku nje izolo inkampani elawula imboni kagesi iNational Energy Regulator of South Africa imemezele ukuthi amanani kagesi azonyuka ngo-18.65% ngo-2023/24, kuthi ngo-2024/25 akhuphuke ngo-12.74%.

Zingaphezu kuka-200 izinsuku lapho ugesi ungazange ube khona ngokuphelele ngonyaka odlule. Ngale kokuphazamisa ingqalasizinda enjengokusebenza kwamarobhothi emigwaqweni, ukucinywa kukagesi kukhinyabeza umnotho futhi kubulala amabhizinisi.

Ngisho amabhizinisi amakhulu abuye ahluleke ukumelana nokuhamba kukagesi njengoba ngoDisemba iKFC yamemezela ukuthi izozivala isikhashana ezinye izitolo zayo ngenxa yako. 

Inkampani yezokuxhumana ngobuchwepheshe bezingcingo iMTN nayo ikhalile ngaloku njengoba ithe imibhoshongo yayo isihlaselwa njalo yizigebengu ezifuna amabhethri ewafaka kuyona ngoba yenzela ukuthi iqhubeke isebenze uma ugesi ungekho.

Le nkampani lokhu ithe kuzogcina kwenza ukuthi i-network ingabi bikho nhlobo uma ugesi ungekho.

Awucabange-ke ukuthi osomabhizinisi abancane abangenayo ngisho imali yokuthenga i-generator bayini uma kunje? Kulesi simo umnotho kuthiwa uzokhula ngo-1.9% kulo nyaka kanti eminyakeni emithathu ezayo uzokhula ngo-1.6%. Ngamanye amazwi, eminyakeni emithathu ezayo umnotho waseNingizimu Afrika ngeke ukhule. Loku kusho ukuthi ukuntuleka kwemisebenzi kuzoqhubeka.

Isimo sisazoqhubeka sibe nzima kuwo wonke umuntu, ikakhulukazi osomabhizinisi abancane.

Kuzona zonke lezi zinselelo ezikhona emnothweni wezwe kodwa akhona amathuba ngoba kudingeka izixazululo. Yizinkinga ezaziwayo, ukukhala nje kuphela ngeke kusize.

Kuyafuneka osomabhizinisi abancane babonisane ngokuthi kungabanjiswana futhi kulekelelwane kanjani ukuze kungezweli kakhulu. 

Zonke izinkomba ziveza ukuthi u-2023 awubavuni osomabhizinisi abancane kodwa abakwazi ukuphosa ithawula. Njengoba lushilo udaba olushicilelwe kuMbele izolo, ukukhula komnotho waseNingizimu Afrika kusezandleni zosomabhizinisi abasafufusa kodwa kufanele banyuse amasokisi. Imisebenzi emisha izoqhamuka ezinkampanini ezincane, hhayi ezinkulu.

Kuko konke, sinifisela okuhle kodwa ngo-2023.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page