I-FSCA ixwayisa ngamaqola azenza yona
YINTATHELI YOMBELE
I-FINANCIAL Sector Conduct Authority (iFSCA) ixwayisa umphakathi ukuthi uqaphele abantu abazenza lo mlawuli wemboni yezimali nesisebenzi sayo.
I-FSCA ithi laba bantu abazenza uNks uFelicity Mabaso bafuna ukuqola umphakathi njengoba bethi kufanele ukhokhe imali ethile ukuze kuzophuma inzalo yemali abayitshalile.
Esitatimendeni esikhiphile, iFSCA ithe ayihlangani nenzalo yemali etshalwe ngabantu futhi ayiwazi la maqola azenza isisebenzi sayo. Ithi izamile ukuwashayela ucingo emininingwaneni eyinikwe ngamalungu omphakathi kodwa ayiwatholanga.
Iqhube yathi iyaphenya yanxusa umphakathi ukuthi uqaphele. Umbele ubuza ukuthi amaqola abathinta ngaziphi izindlela abantu, ngabe abashayela ucingo noma athumela ama-SMS noma ama-email, iFSCA ithe izokhuluma nezinhlaka ezithintekayo bese isibuyela entathelini. Igcizelele ukuthi iyaphenya kodwa abantu abaqaphele.

