Okuzokwenzeka ngesikweletu seNingizimu Afrika kuletha ithemba – isikhulu seBLSA
INTATHELI YOMBELE
“KUZOBA ngokokuqala kusukela kwawa umnotho ngo-2008 ukuthi isikweletu sikahulumeni singakhuli, okuyingxenye yomnotho.”
La mazwi ashiwo wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesikhathi ethula iSabelomali samaPhakathi noNyaka asho lukhulu ngokungase kwenzeke emnothweni. Lezi zinqumo ezinzima zenzeke ngesikhathi uhulumeni ubanjwe yingcindezi yokunyuka kwezindleko.
I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iyasincoma lesi Sabelomali. Bazosijabulela abatshalimali futhi lizokhuphuka ithemba labo nendlela iNingizimu Afrika ekleliswe ngayo yizinkampani ezibuyekeza indlela amazwe akhokha izikweletu ngayo.
Kuthe nje iSabelomali sisanda kwethulwa irandi laqina uma liqhathaniswa nedola laseMelika lisuka kuR17.15, laya kuR17.55. NaseJohannesburg Stock Exchange izimakethe zisamukele kahle iSabelomali njengoba i-Top 40 Index inyuke ngo-1.22% emva kwenkulumo nama-bond yakhuphuka.
UGodongwana ucacise kahle izinhlelo zokusimamisa umnotho nokunciphisa isikweletu eminyakeni emithathu ezayo njengoba isikweletu sesizoba wu-77% womnotho ngo-2025/26. Loko kanjalo nokukwazi ukwenza inzuzo uma kubhekwa imali esetshenziswayo, lena engenamalimboleko.
Siphawula ngeSabelomali isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithe: “I-BLSA inethemba lokuthi izophucuka indlela izwe elikleliswe ngayo futhi kunyuse ithemba labatshalimali.
“Loku kuzobakuhle kakhulu ekukhuliseni umnotho wezwe njengoba nezindleko zesikweletu zizokwehla. Okubalulekile wukuthi kuzobawumvuzo omuhle emva kweminyaka kusetshenzwa ekuphatheni kahle imali, nokuzokwenza ukuthi ukwazi ukunyusa imali esetshenziswayo lapho kudingeka khona, okufaka imali yenhlalakahle nokuthuthukisa umnotho.”
Kumanje izindleko zesikweletu kulo nyaka zizokwehla ngoR4.8 billion kunokwakubikezelwe ngesikhathi kwethulwa iSabelomali sango-2025, okuzokwesekwa wukwehla kwemalimboleko, amandla emali ehlile nerandi eliqinile. UmNyango weziMali uthe izindleko zesikweletu zizonyuka ngo-21.4% ngo-2025/26 bese ziyehla.
Ungqongqoshe uthe kusukela ngo-2008 “imali esetshenziswayo ingaphezu kwemali engenayo, okunyuse isikweletu nezindleko zesikweletu. Lezi zindleko zenze kwanzima ukukhokhela izinto ezibalulekile futhi kwafaka ingcindezi kwinzalo ekhokhwayo. Nokho lokhu sekuyashintsha.”
Inzuzo ezongena ngemali engenzalo iwuR68.5bn noma u-0.9% womthamo womnotho ngesinye isethembiso esifezwe wumNyango weziMali. Lo mnyango usuthe le mali izonyuka ifinyelele kuR224bn ngo-2028/29, okutshengisa ukuzibophezela kukahulumeni ekuphatheni imali kahle.
“Lezi zinto ezizuziwe ziyaqapheleka, ikakhulu ngenxa yendlela izinto ezinzima ngayo nomnotho onganyuki,” kusho uNksz uMavuso.
Kutshengisa nokuphucuka endleleni intela eqoqwa ngayo nokulawulwa kokukhula kwezindleko njengoba imali ezongena kubhekwe ukuthi ibengaphezulu ngoR19.3bn kulo nyaka.
Imali etshalwayo kwingqalasizinda yomphakathi kade yaqala ukubayinkinga yize izinto ezazibekiwe zingaphezu kwangoR1 trillion eminyakeni emithathu. Ukuthuthukisa ingqalasizinda kuyahambisana nezinguquko ezenzeka kugesi, ezokuthutha namanzi futhi amabhizinisi aseka uhulumeni ekuzameni ukulungisa izinselelo.
Enkulumweni yakhe uGodongwana uthe uhulumeni uzokwethula i-bond yengqalasizinda ezongenisa uR15bn kanti uhulumeni uzofaka uR2bn ukubayisibambiso.
Le mali yengqalasizinda ihlelwe futhi ukuthi ikhishwe izikhawu ezine esikhundleni sokuthi kwenzeke kanye. Okubalulekile, wuR4.1bn ohlinzekelwe izinhlekelele, ikakhulu ukulungisa izikole, amapayipi nenye ingqalasizinda ecekeleke phansi ngonyaka odlule nakulo nyaka ngenxa yezikhukhula KwaZulu-Natali, eMpumalanga naseMpumalanga Kapa.
Ukuchitshiyelwa kwemigomo yokusebenzisana kwemboni ezimele nohulumeni kusukela ngomhlaka-1 wangoJuni, izinhlelo zokuhlinzeka ngemisebenzi yengqalasizinda sezingconywana. Nokho-ke iBLSA ingathanda ukubona uhlaka ngaphambi kweSabelomali ngoFebhuwari ngonyaka ozayo.
UNksz uMavuso uthe ukubaluleka kokuthuthukisa ingqalasizinda ezobheka izidingo ezibalulekile yinto emqoka kakhulu. Embonini kagesi iyodwa, i-Transmission Development Plan ilinganisela ukuthi bangaphezu kuka-14 000km ugesi bazodingeka eminyakeni eyishumi ezayo ukubhekelela ugesi owu-53GW ozophehlwa. Kudingeka kutshalwe imali enkulu kwezokuthutha, amanzi ukuze kusebenze kahle.
“Okuningi kwalokhu kudinga ingqalasizinda futhi i-BLSA izoqhubeka nokweseka uhulumeni ngezinsizakusebenza, amakhono nokwandisa isibalo sabantu ekulungiseleleni lezi ndawo “ukulugela abatshalimali.”
Ugcizelele ukuthi imihlomulo emnothweni izoqala ukubonakala ngokuhamba kwesikhathi. “I-BLSA incoma uhulumeni ngokuzimela zonke izinto ezibophezele kuzo kulezi zinhlelo.”
UNksz uMavuzo uthe ukuphatha imali ngendlela kubalulekile ikakhulu njengoba umnotho ungakhuli kahle. Ungqongqoshe ubuyekeze indlela alindele ukuthi umnotho ukhule ngayo ngo-2025/26, wathi usuzokhula ngo-1.2%, okungaphansi kakhulu kwango-1.9% owawulinganiswe kwiSabelomali sangoFebhuwari futhi kwabuyekezwa ngoMeyi.
UmNyango weziMali uguqula nesibonelelo sokulungisa ingqalasizinda komasipala ukuze labo abalokhu behluleka wukuhlinzeka ingqalasizinda bengeke banikwe imalli. Kunaloko isibonelelo sizonikwa izikhungo ezifana neMunicipal Infrastructure Support Agent neDevelopment Bank of Southern Africa.
Yize iBLSA izamukela lezi ziphakamiso, sigcizelela ukuthi kufanele zibengezesikhashana ngoba kufanele siphuthumise ukwenza uhulumeni usebenze kahle, ikakhulukazi omasipala.
Ukubheka imihlomulo eqhamuka endleleni isikali samamdla emali esihlelwa ngayo enye indawo umNyango weziMali ogxile kuyo. Ungqongqoshe umemezele ukuthi lesi sikali sesizobawu-3% kanti kuzovunyelwa ukuthi uma kunyuka kube no-1 percentage point wokubheka loko nokushintsha isikali esidala esasiphakathi kwango-3% no-6%.
Loku kuzokwenziwa eminyakeni emibili ezayo. Uthe loku kuzokwehlisa okulindeleke ngamandla emali nokwehla kwemalimboleko. Loku kuzokweseka ukuthi imali esetshenziswa yimizi yabantu, ukuthi osomabhizinisi batshale imali, kweseke ukuthuthukisa umnotho nokwakha imisebenzi.
Nokho-ke uvumile ukuthi “izindleko zokufaka ukukhula komnotho kancane nokukhula komnotho kuzobanezinselelo”, yize egcizelele ukuthi “imihlomulo ngokuhamba kwesikhathi ingaphezu kwezindleko”.
Kulesi Sabelomali uGodongwana uthumele umyalezo omuhle kwabaklelisa amazwe nakubatshalimali bakwamanye amazwe, owukuthi izwe liqhubekela phambili ekuphuculeni imali.
Emva kokukhishwa kweNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe athathwa njengangenamithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali nokulwa nabaxhasi babashokobezi, iBLSA ithemba ukuthi izikhungo eziklelisa amazwe ngokwendlela akhokha izikweletu ngayo azoshintsha.
INingizimu Afrika izibophezele ekuqhubekeni ngezinguquko ezinqala, “okungaba kuhle kakhulu kungaba ukuzisheshisa izinguquko,” kuphetha uNksz uMavuso.

