Ukulima wakuncela kunina oseziphilisa ngokulima
WUTHOBILE ZWANE
INTOKAZI yaKwaZulu-Natali ikhule ibuka ugogo wayo nonina belima njengoba isiziphilisa ngako.
Umnikazi weNokthy Foods uNksz uNokuthokoza Mathonsi waseVutha, eMandeni, ogwini olusenyakatho yeKZN, unepulazi elikhiqiza isipinashi namanye amaveji.
Lo mlimi oneminyaka ewu-37 waqala ngokudayisela umphakathi wangakubo kuphela kodwa manje usedayisela amagatsha ahlukene ezitolo zakwaBoxer eThekwini ngokubambisana nabanye abalimi baseNdwedwe naseDurban Farmers’ Market.
Uthi uthando lokulima lwaqala esemncane kwazise wayehlale enza okuthile okungenisa imali.
“Ngikhule phansi kwesandla sogogo ababili ozala umama uMaDlamini nozala ubaba uMaDube bebelima amasimu ukondla imindeni yabo ngawo,” kukhumbula yena.
Ngokuthanda kwakhe ibhizinisi wanquma ukuthi loku akhule ekubona kuyinqubo yokuphila kufanele akwenze kumenzele imali.
Uthe umsebenzi wezolimo uwuqale ngo-2021 emva kokuthenga indawo yokusebenza eMaphephetheni, eNdwedwe, eKZN, wasungula iNokthy Foods.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/16/umlimi-wesifazane-omncane-uqhubeka-esisekelweni-esabekwa-ngabakubo/
“Ngiqale ngitshala amaveji ahlukene kodwa emva kwesikhathi ngazibophezela ekugxileni kokukodwa, into engiyifunde kubalimi abangaphambi kwami. Bangifundise ukuthi ukutshala into eyodwa kwandisa inzuzo ebhekile kunokugxamalaza kokuningi endaweni engenkulu kakhulu.
“Ngifunde nokuthi ukugxila kokukodwa ikakhulu uma usaqala kusiza nasekutheni ukwazi ukunakekela ngendlela loko okutshalile,” kusho uNksz uMathonsi.
Ubalule ukuthi esanda kuqala wayenenkinga yemakethe okwakwenza ukuthi abenomkhiqizo obolela ensimini ngoba edayisela abantu abaseduze kuphela ngenxa yokungabinemoto yokuya emakethe.
“Into engisiza ekukhuleni komsebenzi wami wukuxhumana nabanye abalimi, okwenza ngifunde okuningi kubona. Okubaluleke kakhulu ukwenza umsebenzi wami uqhubekele phambili, ukuzethemba nokuphokophelela emgomweni engizibekele wona ngebhizinisi,” kusho uNksz uMathonsi.

Okumjabulisayo ngomsebenzi wakhe wukuthi kunabantu abalala bedlile futhi bondle imindeni ngokusebenza ngaphansi kombono wakhe.
Ukubasembonini yezolimo uthi kumfundise okuningi mayelana nokudayisa okubalwa kukhona nokuqonda ngentengo yemakethe okuyinto abengenalo ulwazi lwayo phambilini.
Okwamanje unezisebenzi ezine kuya kweziyisithupha ezimsiza ngezikhathi ezithize kuya ngomthamo womsebenzi.
Isifiso sakhe esikhulu wukudlulisela ezinganeni zakhe leli bhizinisi akholwa wukuthi uma lifika ezandleni zazo lizokwenza kangcono nangezindlela zesimanje zokwenza izinto, njengaye olisuse endleleni ogogo bakhe ababenza ngayo lakhulisa ukwenza imali.
“Ngikholwa wukuthi esikhathini (izingane) ezizobe zilibambe ngaso kuyobanomehluko omkhulu ngalo, ikakhulu uma zilenza zihambisana nesikhathi nobuchwepheshe,” kusho yena.
Eluleka abafisa ukungena ebhizinisini uthi kuhle abenobudlelwano nabenza ibhizinisi elifana nelakhe ukuze afunde izindlela ezihlukene, abeke phambili amakhasimende akhe ngoba ngaphandle kwawo umsebenzi awutheli izithelo.
“Umuntu osebhizinisini kufanele ahlale enamaqhinga amasha okuligcina liphila futhi lihambisane nesikhathi. Kulezolimo ngeke ukwazi ukuliqhuba uma ubheke ukuthola inzuzo manje, kuyalindwa kubekezelwe,” kucebisa uNks uMathonsi.

