Owathekela ulwazi kumkhulu wakhe wenza izimpahla eziqhakambisa ubuRasta
WUTHOBILE ZWANE
E-SOUTH Beach, eThekwini, KwaZulu-Natali, isitolo esikhuthazwe yinkolo yamaRasta sigabisa ngombala, inkolo nobuciko ngokusebenzisa isitayela saso esihlukile sezimpahla zobuRasta.
Impahla ngayinye yakhiwe ngokucophelela. Ayiphethe nje isitayela kodwa inendaba esekelwe othandweni, ifa nogqozi oluvela kumkhulu womsunguli.
Lesi sitolo yiRasta Nation kaNksz uNonkosi Chemane waseMzimkhulu, eningizimu yaKwaZulu-Natali, esidayisa izimpahla ezinengqikithi yobuRasta, okukhona kuzona izikhwama, amajakhethi nezigqoko okwenziwe ngokucophelela.
UNksz uChemane wenza ama-bamboo bag izikhwama ezenziwe ngoqalo nesikhumba. Umbono wafika ngomkhulu wakhe owayenza izikhwama.

Umsebenzi wabo awupheleli ekwenzeni izikhwama, benza izikibha, izikhindi ezinemiyalezo ehlukene. Eminye imikhiqizo yakhe yenziwe ngendwangu yezimfaduko ngoba uthi wayefuna ukubona abantu bazoyithatha kanjani kanti bazoyithanda. Izikhwama ziqala kuR200 kuya kuR500.
“Lo mbono wazifikela ukuthi ngifake izinto ezisetshenziswa abantu ezifana neZambuk, iGrandpa nokunye. Sifaka izinto ezithandwa ngabantu ezimpahleni zethu. Ngenza isiqiniseko ukuthi ngibheka online ukuthi yini abantu abayithandayo,” kusho yena.

Le ntokazi eneminyaka ewu-38 ithi yabona ukuthi imisebenzi njengoba ingekho ayihambe ezinyathelweni zikamkhulu wayo.
“Ngifunde kumkhulu ukwenza izikhwama kodwa mina indlela engenza ngayo ihlukile kweyakhe. Ngifaka imihlobiso kanti umkhulu ezakhe wayezifaka ibhande kuphela. Zenziwe ngokhuni olujwayelekile, oluhlotshisiwe futhi olupholishiwe,” kusho yona.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/01/14/ukuvalwa-kwezwe-kube-yisibusiso-kowayekade-efisa-ukuqala-ibhizinisi-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/
Igama lebhizinisi laqanjwa wumuntu athandana naye ngoba ebona kuyinto yesizwe samaRasta. Nokho umkhiqizo wabo owawonke umuntu, awukhethi.
I-Rasta Nation inezisebenzi ezimbili ezisebenza ngezikhathi ezithile. Phakathi kwezinselelo ebhizinisini ubala ukuzama ukwenza into kodwa ingaphumeleli nokushoda ngemali yokuthenga isitoko.
“Uma uqala into iyaphumela noma ingaphumeleli. Ukwenza isibonelo nje uma ngenza okuthile abantu bakuthande noma bangakuthandi ngigcine senginesitoko esiningi esizohlala singasebenzi. Ngaloko sengifundile ukuthi uma ngithula umkhiqizo omusha kufanele kubeyizinto ezimbalwa. Umphumela wokuthi abantu bayawuthanda noma cha yiwona ozocacisa ukuthi ngiyaqhubeka yini nawo,” kusho yena.
Ngomuso ukufisa ukubanesitolo sakhe ngoba isitolo akusona manje baningi kusona futhi bahlanganisa imali yokurenta.
“Uma kuthiwa ngithola indawo okungeyami, ngingakwazi ukukhula futhi kwenzeke izinto,” kusho uNksz uChemane.
Facebook: Rasta Nation
Instagram: @rastanation01

