‘Tshala ezintweni ezizokusa phambili’

WUTHOBILE ZWANE 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uBongani Nkomo, odume ngelika’Mainman‘. Uwumculi we-Afro house nama-piano nowuphrojusa. Udume ngamaculo akhe ‘umjolo’ nelithi ‘stronger’ alicula no-Lui. Usesebenze nabantu abahlonishwayo kule mboni okubalwa kubo uKing Saiman, uTonic Jazz, uJoocy noDJ Wonder

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngangiyiphiwa kodwa hhayi njalo ngoba isimo sasingesihle kahle.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaqala ukuba nayo ngo-2021, ngayivula eTyme Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi uma ufuna imali yakho yande, kufanele ungesabi ukuyitshala kokuthile ukuze iphindeke kabili noma ibengaphezu kwaloko.  

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ukudla komndeni wasekhaya, ngase ngizithengela izinto ezincane nami, kwathi enye ngayibeka.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/07/22/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sikuphathele-umbalezinhle-magcwabe-mabaso-umlingisi-womdlalo-wethelevishini-u-bettina-wethu-imbongi-nomculi-we-afro-house/ 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga ukudla, izingubo nokunye ngithengela indodana yami nasekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukuyisebenzisa budedengu ngithuke isiphelile.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo ngase ngijovekile, zaziba khona izikhathi lapho ngiwina khona nezikhathi lapho ngangidliwa khona.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Ukuzifundisa ukuthi ngiyihlelele imali futhi ngiyitshale ezintweni engizozuza kuzona. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Okokuqala ngingalungisa ekhaya, ngibewusizo olukhulu emphakathini, ngiqinisekise ukuthi umndeni wami ukuthola konke okudingayo. Ngingakha (izindlu zokuqashisa) ukuze ngazi ukuthi nginemali engena njalo ngenyanga noma ngabe kuthulekile emculweni, ngakhe indawo yami yokuqopha ukuze ngikwazi ukuphusha umculo wami kahle.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Kufanele bazifundise ukwenza isabelomali, bangayidli budedengu ngoba iyashesha ukuphela futhi ave sekubiza kulo mhlaba esiphila kuwo. Abazifundise nokutshala ezintweni eziya phambili ezizoshintsha isimo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page