Ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau akenzanga kahle ehoxisa imigomo ebozochibiyela umthetho wokubolekisa, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kunenqubekelaphambili kodwa futhi sihlehlile ukufukula osomabhizinisi abancane, kuloba uBusi Mavuso 

ISONTO elidlule liqale lithembisa kosomabhizinisi abancane kodwa liphele sekunesiphithiphithi ngomgomo. Kuke kwangathi kunenqubekelaphambili ezindaweni ezimbili, kuphungula umthwalo obangwa wumthetho wemisebenzi ezinkampanini ezincane futhi kusizwe izinkampani ezincane zikwazi ukuboleka imali. 

Nokho lithe liphela isonto, indaba yokukwazi ukuboleka ibisihoxisiwe, okumangazile yize kucace kahle ukuthi umnotho ungasizakala kanjani. Izinguquko ezinqala zimqoka ekushintsheni ukungasebenzi kahle komnotho wethu nokulwa nokuntuleka kwemisebenzi. 

Ngokusebenza ngeNational Economic Development and Labour Council (iNedlac) nangezinye izinhlelo ezinjengeBusiness For South Africa siyazikhandla ukushintsha imigomo engaphucula indawo amabhizinisi asebenza kuyo.  

Imigomo ethinta ukuxosha abantu njengokusho komthetho olawula imisebenzi i-Labour Relations Act ishaywe ngesonto elidlule wungqongqoshe wemiSebenzi nokuQasha uNks uNomakhosazana Meth ukwenza kubelula ezinkampanini ezincane ukuxosha izisebenzi ezingawenzi umsebenzi. 

Yize ukwenza izinto ngendlela kufanele kuhlale kuwumgomo omqoka, umthwalo osezinkampanini ezincane wokukhokhela ongoti ukulandela imigomo yokuqondisa ubugwegwe usuzothi ukuphunguka. Yinto ezwakalayo futhi efanele leyo, ngoba osomabhizinisi abancane abanayo imali yokukhokhela ongoti bakandabazabantu abangaloku belandela izisebenzi ezingawenzi kahle umsebenzi.  

Le migomo eyashicilelwa ngoJanuwari ibhungwe kabanzi kwiNedlac. Izokwenza kubelula ukuphatha amabhizinisi amancane futhi kushibhe ukuphatha izisebenzi, okuzokwenza abantu babenomdlandla ukuqasha abantu. 

Le migomo iyisibonelo esihle sokuthi kwenzekalani uma kunenqubekelaphambili futhi onke izinhlaka zisebenzisana. Kodwa ngalesi sikhathi omunye ungqongqoshe enza okuhle, omunye ubebambezela izinguquko ezibalulekile ngemithetho yokubolekisa ngemali. 

UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana ushicilele izichibiyelo emithethweni yokubolekisa i-National Credit Act, obekufanele umphakathi uphawule ngazo. Kulezi zichibiyelo kubalwa ushintsho olubalulekile ukwenza kubelula ukuthi ababolekisayo bahlole osomabhizinisi abancane.  Le migomo ekhona manje ayikaze ishintshwe kusukela ngo-2013, iqondene nabathengi kanti igcine ifaka nosomabhizinisi abancane. 

Kufanele balethe izitatimende zasebhange nama-payslip ukuze kubhekwe ukuthi bangakwazi yini ukuboleka imali. Akusho lutho ukuthi bahlanganise iqhinga lebhizinisi labo lihle kangakanani nemali abangahle bayingenise ngomuso. 

Ngakho uma uwusomabhizinisi oneqhinga elihle lebhizinisi osulisebenze mhlawumbe izinyanga eziyisithupha udinga ukuboleka imali encane, akekho ongakuboleka imali ngoba isitatimende sakho sasebhange sizoveza ukuthi kade uhluleka wukukhokhela izinto ezithile ngoba ubungasebenzi. Ngisho kungathiwa ibhizinisi lakho lingenise imali eyanele. 

Imithetho emisha ibizovumela ababolekisa ngemali ukuthi banqume ukuthi umuntu bamboleka imali ngokubheka ibhizinisi lakhe nokuthi lizophumelela yini. Kubantu abanamabhizinisi asafufusa bekuzokwemza umehluko omkhulu ekutheni bakwazi ukuboleka imali. 

Nokho okushaqisile wukuthi ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau uvele wahoxisa yonke into ngoLwesihlanu ekubeni singakadluli isikhathi sokuthi umphakathi uphawule. Kuthiwa bekusaphawule abantu abawu-20 000 ababeyigxeka le migomo. Ilanga lokugcina lokuphawula bekunguLwesihlanu. 

Esikhundleni sokulinda uhlelo lonke luphele bese ebuyekeza ukuphawula kwabantu ngaphambi kokuthatha isinqumo, ungqongqoshe uvele wazihoxisa izichibiyelo. 

Loku kuhlehlisela izinto emuva. Lezi zichibiyelo ziqhamuke emva kohlelo oluthathe isikhathi eside kuboniswana ngokuphucula izinto emabhizinisini amancane. Kithina esisebenze isikhathi eside ukuthi kufinyelelwe kulesi sigaba kuyadumaza loku. 

Okubuhlungu kakhulu wukuthi sengathi laba bantu abawu-20 000 abathinteki nakangako kulolu hlelo. Kuthiwa loku kwenzeke ngoba kukhona abagqugquzele izitshudeni ukuthi zibhale zikhale ngokuthi zingazithola amagama azo efakwa ohlwini lwamagama abantu abangakhohi kahle izikweletu olungabe luqhamuka ezikhungweni zemfundo. 

Ngamanye amazwe, le migomo, ngale ndlela eyiyo manje ivumela izikhungo zemfundo ukuthi zenze ngendlela okwenza ngayo izikhungo ezibolekisa ngemali, okusho ukuthi zingabika izitshudeni ezingakhokhi kahle ohlwini lwabantu abangakhokhi kahle nokungangcolisa amagama abafundi bengakaqali nokuqala ukusebenza. 

Lena yinto ebivele ikhona kusukela ngo-2006 ukuthi uma umfundi ebaleka engakhokhile isikweletu, ingenziwa kodwa le migomo ebihlongozwa ibingasho lutho nhlobo ngalokhu. 

Akuyona indlela ephusile yokuhlanganisa umgomo lena. Ungqongqoshe bekufanele alinde kuze kuvalwe ukuphawula kwabantu. Uma ebona ukuthi izikhalo zezitshudeni ziyezwakala, ubengaphinde achibiyele umthetho. 

Nginxusa ungqongqoshe asicabangisise isinqumo sakhe ukuze indlela umgomo ohlanganiswa ngayo iphinde ibeneqiniso. Ngale kwaloko kuzofanele achaze kosomabhizinisi abaxakekile ukuthi kungani ipolitiki ibaluleke ukudlula indlela abaziphilisa ngayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page