Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMandla Mthombeni odume ngoShallow Boi Hamashe. Uwumculi wegqom, umsunguli wenkampani yokuqopha umculo iBlaqHandz, uphrojusa nombhali wezingoma

‘Yenza izinto oyohlale uzikhomba ngemali’

WUTHOBILE ZWANE

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMandla Mthombeni odume ngoShallow Boi Hamashe. Uwumculi wegqom, umsunguli wenkampani yokuqopha umculo iBlaqHandz, uphrojusa  nombhali wezingoma

 Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngangigcina ngokubanemali uma ngiphiwe wumzali kweyokuphatha esikoleni, nakhona uma enayo.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Sengikhulile ngisesikhungweni semfundo ephakeme eThekwini College TVET, ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali esikhathini samanje yiyona ebalulekile. Kufanele uyisebenzise ezintweni ezibalulekile nangendlela efanelekile futhi yiyona enomphumela ekutheni impumelelo yakho isheshe isondele noma ikufice.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/29/tshala-imali-kunokuyonga-ukuze-izale/

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ukudla endlini nezingubo, ingcosana ngayidlulisela kumama owangikhulisa.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukufundisa udadewethu ongilamayo, ngenza izincwadi zokushayela, ngafaka isandla emacikweni asakhula ekutheni aqhubekele phambili.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukufuna ukusebenza namaciko asezingeni elingaphezu kwelami, afune imali kanti adlala ngami.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Lutho, angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma uthola imali ungabaphakameli abanye noma abahluphekile noma abasazama impumelelo kepha baseke ngokuncane onako.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakhulisa inkampani engiyisungulile iBlaQhandz ,ngiyakhele indawo yokuqopha esezingeni eliphezulu, ngibuyise namabhizinisi amancane njengakowokudla okusheshayo, izitolo namakotishi, kwande amathuba omsebenzi nakwabanye abantu. Ngenze noma yizindawo zobumnandi ezimbili, ngakhele uMa umuzi nowami.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Imali iyafika futhi iyadlula kodwa kubalulekile ukuthi idlule ngezinto ozokwazi ukuzikhomba nangelinye ilanga ezingeke zabuna nje kalula. Ukugijimela injabulo akuyisani phambili, kubalulekile ukuthi siqale ngezinto ezibalulekile empilweni. Uma usubona ukuthi kukhona okusalayo okutshalile usukwenzile uqale usebenzise ingcosana, ujabulise lo mzimba wakho ogqilazekayo ngokuzama imali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page