Uthando oludala lokuhlobisa seliThele izithelo kowakha ifenisha
WUTHOBILE ZWANE
INTOKAZI yaKwaNongoma, KwaZulu-Natali, ikhule ithanda izinto ezinhle, ithanda ukuhlobisa endlini, ivuselele izinto ukuze zibukeke kahle. Loko kubeyisisekelo sebhizinisi esilenza manje – ukwakha ifenisha.
“Ngikhule ngithanda ukuqondanisa nokushintsha izinto endlini. Yize ngaqeda uMatikuletsheni ngangayenza i-Interior Design kodwa ngenza i-Diploma in Business Management eRosebank College, engangicabanga ukuthi izongiphumelelisa noma ingibeke kwelinye izinga, kodwa kwacaca ukuthi uthando lwami alukho kuyona,” kulanda uNksz u-Ayanda Nxumalo, waseBuxedeni.
Emva kweziqu ze-Business Management le ntokazi eneminyaka ewu-29 yenza i-NQF5 in Carpentry, igxile kwi-interior design nokwenza ifenisha eFurtech.
Emva kweminyaka emibili ephothule iziqu zakhe, uNksz uNxumalo wasungula Isithelo Interior, eyenza ifenisha futhi ihlobise nezindlu, elitholakala enkabeni yedolobha eThekwini, KwaZulu-Natali.
Uqashe abantu abayishumi, okungabayisithupha abaqashwe ngokugcwele nabane abayitoho.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/14/owazifundisa-wenza-ifenisha-yekhethelo-engambi-eqolo/

Phakathi kwezinselelo abhekana nazo ebhizinisini, ubale eyokuthola izisebenzi ezazi umsebenzi wokwakha ifenisha. “Njengoba senza ifenisha nje isikhathi esiningi, kufuneka umuntu onamava ngefenisha, umuntu owufundele lo msebenzi kanti akulula ukuthola umuntu onjalo, ongenalo ibhizinisi lakhe. Isikhathi esiningi abantu esibatholayo banamabhizinisi abo. Uma umthola umuntu, ufike abone ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani uma esekufundile loko uyakushiya,” kusho uNksz uNxumalo.
Into ehlukile ngebhizinisi lakhe uthi into ayenzayo wayifundela, unolwazi lwayo futhi okungaphezu kwalokho unothando nesiphiwo.
“Yebo, sisuke sisebenzela imali kodwa ngenza isiqiniseko sokuthi ngikushiya nomuzi wakho uyilento obuyifisa,” kusho yena.

Uthi into emchazayo ngokubanebhizinisi wukuthi uyakwazi ukusiza abanye abantu emphakathini, ikakhulu intsha. “Omunye umuntu uyakwazi ukusizakala ngami, ondle umndeni wakhe ngami. Ayikho into engijabulisa njengaleyo.”
Uthi isifiso sakhe wukuvula isikhungo sakhe sokufundisa ukwenza ifenisha esikhulu, esizobanemishini yokukhiqiza ifenisha emikhulu.
Iseluleko sakhe kwabafisa ukungena ebhizinisini sihi: “Zimisele, wazi ukuthi ibizinisi alikuzuba yile nto ocabanga ukuthi liyiyona ungaphandle. Uma (usuqale) ibhizinisi kuhlulekile.”
Uthi ebhizinisini kunezingqinamba kodwa ziyamkhulisa. Uthi uma umuntu efuna ukungena kulo mkhakha kufanele azimisele ngaso sonke isikhathi ukufunda izinto ezintsha.
“Into owayifunda esikoleni, ayikusebenzeli njalo. Unyaka nonyaka kuhlale kukhona izinto ezintsha ozifundayo futhi ozitholayo. Kwi-carpentry kuhlale kukhona izinto ozifundayo, kungaba ngemibala, imiklamo emisha… ziningi izinto ezifikayo. Kufanele wazi ukuthi yiziphi izinto esezisebenza ngaleso sikhathi. Uyohlale ukufunda njalo, akufanele unethazeke,” kucebisa yena.
Facebook: IstheloInterior
Instagram:@ isithelo interior
Tiktok:i@sithelo interior