Ohlanza izakhiwo wabona ibhizinisi ekunqeneni kwabantu
WUTHOBILE ZWANE
USOMABHIZINISI waseThekwini akaze athathe umsebenzi wokuhlanza izakhiwo njengomsebenzi omncane kodwa wabona ibhizinisi elingenisa imali.
UMnu uLungelo Manqele, waseNanda A, eThekwini, KwaZulu-Natali, waqala iDuyaza Cleaning Services ehlanzayo ngenhloso yokwenza lula izimpilo zamakhasimende. Ihlanza amawindi, imisele, ibulale izinambuzane, ihlanze izindlu, izipende.
UManqele, oneminyaka ewu-29, uthi wayesebenza eMhlanga Sands ngenkathi efikelwa wumqondo wokusungula leli bhizinisi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/04/ukukhuculula-imizi-yabantu-kumnika-ukuthula-ngaphakathi/
Uthi waqaphela ukuthi abantu abaningi babona kuwumthwalo ukwenza lo msebenzi. Leli bhizinisi elaqala ngo-2020 selisebenze namanye amabhizinisi okubalwa iNdu’s Barber, yenza umsebenzi wokunikela emphakathini ekhaya labadala iSakhisizwe Development Care Centre. Manje iDuyaza Cleaning Services isisebenza namakhasimende amakhulu, okubalwa kuwona iJohn Dory’s eseCornubia Mall.
“Ngiqeda uMatikuletsheni nganginethemba lokuqhubeka nezifundo kodwa akwenzekanga ngendlela engangihlele ngayo. Ngathola umsebenzi (wokuhlanza). Lo msebenzi yiwona engangifuna ukuwenza ngoba ngibona ukuthi abantu bayanqena ukuzenzela. Uma ngikwenzela ngenza isiqiniseko sokuthi ngikushiya ujabulile,” kusho yena.
“Ngiyaziqhenya ngebhizinisi engaliqala futhi ngizimisele ngokuqhubeka nalo ukuze likhule. Enye into eyangikhuthaza ukuthi ngiqale leli bhizinisi ngabona ukuthi abantu engangibasebenzela babeyenza imali ngabona ukuthi nami le nto ngingayenza,” kukhumbula uManqele.
Uthi abaqala ngokuwasha amawindi kanti abantu bazoqala bababone uma besebenza, bagcina sebebizwa eceleni. Yilapho ethi bafaka khona umfutho ngoba sebebona ukuthi kuyasebenzeka.
Ekhuluma ngezinselelo ababhekana nazo ubale eyabantu abangafuni ukukhokha uma sebesebenzile. Uthi elinye ikhasimende licela ufike lapho okufanle ulihlanzele khona, ngakusasa livele lishintshe umqondo ukuthi bangabe besafika.
UManqele uthi into ehlukile ngebhizinisi lakhe wukuthi bagqoka imifaniswano, abadingi ukukhokhelwa ngaphambi komsebenzi. Uthi uma udinga ukusetshenzelwa bayakwenzela banqume usuku oluthile lokukhokhelwa.
“Into engiyithandayo ngokuba nebhizinisi wukuthi usuke uzisebenzela wena imali yakho, nokuziphathela wena umsebenzi,” kusho yena.
Useqashe izisebenzi eziyisishiyagalombili ngokugcwele, okungabesifazane abane nabesilisa abane.

Isifiso sakhe ngebhizinisi wukuthi likhule, bathole izindawo zokusebenzela ezihlukene namanye amathuba omsebenzi.
“Ngifisa ukuzibona ngiphumelela, uma ungasasebenzeli umuntu kubanomehluko omkhulu,” kusho uManqele.
Eluleka abanye abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi ukubanebhizinisi akulula kodwa ungaqala okuthile ngemali encane bese ubeka inzuzo. “Ukuqala ibhizinisi akukho lula. Uyadinga okuthile ozoqala ngakho, wenze ucwaningo ukuthi njengoba ufuna ukuqala uzodinga malini. Akufanele uqale ngemali eqondile kodwa kumele ubenemali engaphezulu ukuze wazi ukuthi uma ushayeka, ukwazi ukugcwalisa ngemali oyibekile eceleni,” kusho yena.
Facebook: Duyaza Cleaning Services
Tiktok: @duyazacleaningservices3