Umsunguli weMnandi Bakery uNkk uThobile Zungu yaseShayamoya, KwaDukuza, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Onohlanga lokubhaka usenebhikawozi elingqangqayo

WUTHOBILE ZWANE

ENKABENI yelokishi iShayamoya, KwaDukuza, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natali, uzothola owesifazane onothando lokubhaka okulethe ithemba nogqozi emphakathini. Unebhikawozi aliqala ngemali yesibonelelo sezingane zakhe.

Umnikazi weMnandi Bakery uNkk uThobile Zungu uthi uthando lokubhaka lwaqala ekhishini lakwakhe, lapho bejwayele ukuzibhakela khona bewumndeni ngenxa yokuthi bayakuthanda ukubhaka.

Waqale ukubona ukuthi lolu thando lungabayibhizinisi esesebenza esitolo ePick n Pay, lapho ayewumbhaki khona.

“Uthando lwami lwaguquka lwabayibhizinisi ngo-2021, ngilekelelwa wumyeni wami. Ngangisebenza ePick n Pay ngaleso sikhathi. Angikaze ngikuyele esikoleni ukubhaka kodwa ngakufunda ngisebenza esitolo,” kusho yena.

Uthi kukhona umuntu ayesebenza naye osewashona owayehlale emtshela ukuthi ngelinye ilanga uyozimela ngoba uyazimisela.

UNkk uZungu uthi ibhizinisi walibhalisa ngokusemthethweni ngo-2022 emva kokushiya emsebenzini ukuze agxile kulona. 

EMnandi Bakery babhaka ama-cream bun, okuyiwona ahamba phambili, ama-cup cake, ama-snowball nama-scone.

Ama-cream bun ekhethelo eMnandi Bakery abafisa ukuzidayisa iKZN

Phakathi kwezinselelo abanazo ubalule ukungalutholi usizo lwemali yokuthenga izinsiza zebhizinisi, ukungabi nendawo enkulu ezokwazi ukumvumela ukusebenza nokudayisa imikhiqizo yakhe noma lina. 

Uthi bafisa ukulekelelwa ukuze bakwazi ukufaka umkhiqizo wabo koplastiki abanegama lenkampani abangabiza uR150 000. Loku kuzosiza ukuthi izinkwa zabo zikwazi ukufinyelela kwezinye izitolo ezinkulu ngoba ziningi izindawo ezifuna ukudayisa izinkwa zabo.

UNkk uZungu uthi izinkwa zabo zihluke ngokuthi banemfihlo yabo abayisebenzisayo nokuthi usebenzisa amava awathola esaqashiwe.

Uthi izinkwa zakhe aziqinile kodwa zintofontofo zifana nezasezitolo ezinkulu. Ulofu uwubiza uR10 okwamanje ngoba basenza eziwu-400g.

Uthi babenezisebenzi ezinhlanu kodwa ngenxa yokwehlisa izinkwa abazibhakayo basazimisile. Izisebenzi ezintathu bezidayisa ngaphandle, ezimbili zisebenza ngaphakathi ebhikawozi.

 “Sishayeke kakhulu kusukela ngonyaka odlule njengoba sibenenkinga yemoto, silimele kakhulu ngoba bengiwenza uR2 000 ngosuku kodwa manje ngenza cishe uR400 ngezinkwa. Siyashintshana nomyeni wami ngokubhaka nokudayisa erenki yaseBallito njalo ekuseni,” kusho yena.

Indlela ababuyisela ngayo emphakathini wukuthi njalo uma kuqala uMashi bathathe abantu abasha emphakathini abayishumi babafundise ukubhaka bese bebanika izitifiketi.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/30/ibhikawozi-iyisibani-emphakathini-ontulayo/

Uthi amakhasimende abo kakhulu ngabantu abathenga isinkwa esisodwa noma ezimbili abasuke bethengela ukuyophuza itiye.

“Izinsuku zethu ezimatasa ziba uma kuvulwe izikole noma zivaliwe. Sibamatasa nangokuphela kwenyanga uma kuholwa impesheni yabantu abadala neyesibonelelo sezingane. Yilapho uma ngenze izinkwa eziningi ziphela zonke uma ngiyodayisa,” kusho yena.

Into ayithanda kakhulu ngaleli bhizinisi wukuthi limenza ehlale ematasa nokuthi limfundisa ukuxhumana nabantu nokwakha ubuhlobo nabo.

Eluleka abafisa ukuqala ibhizinisi, uthe: “Qala kancane, ungalilahli ithemba. Uma uhleli nesitifiketi somsebenzi othile, ungahamba uyongqongqoza ngeke ungasizakali. Kufanele uzikhandle, usukume ngoba ngeke ungqongqoze yonke iminyango kungavulwa ngisho kowodwa.”

Akufisa kakhulu wukuthola indawo evulekile ezodayisa umkhiqizo wabo zonke izinsuku. Uthi loko kungandisa amathuba emisebenzi ngoba ubonile ukuthi ebhizinisini labo bangabaqasha abantu abaningi. Muzwa ethi qaphu qaphu.

 “Ngifisa ukuthi sithole indawo enkulu, sikwazi ukuqasha abantu abaningi, sikhiqize ezindaweni eziningi esifundazweni, ” kusho uNkk uZungu. 

·       TikTok: @mnandibakery1

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page