USolwazi uBonke Dumisa uthi impela akusiwo umsebenzi kahulumeni ukusungula imisebenzi

Izithombe: wuGoogle nezithunyelwe

Ingqapheli yomnotho ithi uyihlabe esikhonkosini uRamaphosa ngolwemisebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE abantu bakwamukele ukuthi akuwona umsebenzi kahulumeni ukusungula imisebenzi ngoba leyo yinto okufanele kube yimboni ezimele eseqhulwini layo.

Okahulumeni umsebenzi wukuqikelela ukuthi kunokuthula ezweni, kuphephile futhi umnotho uphathwa ngendlela ukuze kuheheke abatshalimali abazosungula imisebenzi. Omunye umsebenzi kahulumeni wukwenza kube lula kosomabhizinisi ukusungula nokuqhuba amabhizinisi nokuhlinzeka ngengqalasizinda.

Usho kanje uSolwazi uBonke Dumisa ephawula ngeNkulumo eBhekise esiZweni eyethulwe nguMengameli uCyril Ramaphosa ngesonto elidlule. UDumisa, owusomnotho, uthi kuyadingeka abantu baqonde umehluko phakathi kokuqondene nohulumeni nasomabhizinisi. 

“Uma ngingenza isibonelo, kumanje nje abatshalimali bayabaleka KwaZulu-Natali ngenxa yale nto yokuthi ‘azikhale’ (itemu elalisetshenziswa kucekelwa phansi amabhizinisi ngonyaka odlule). Bayazibuza abatshalimali ukuthi ungabathemba kanjani abantu olala unebhizinisi kuse awusenalo kodwa angabibikho amaphoyisa futhi nosopolitiki bavele banyamalale.

“ENingizimu Afrika izinto ezenza sikwazi ukudoba abatshalimali yingqalasizinda yethu, imigwaqo namanzi okusesimweni esihle. Yebo into yokushoda kukagesi iyawuqeda umdlandla kodwa basazimisele ukusinika ithuba lokulungisa ngoba inkinga kagesi ikhona nakwamanye amazwe; kuwukuthi nje ngeke uzwe ngayo.

“Okunye okusebenza kahle ngamabhange ethu, nokuyiwona ahamba phambili e-Afrika, futhi angamanye alawo ahamba phambili emhlabeni. Kanti nendlela esiphethe ngayo umnotho yinhle. Yilowo-ke umsebenzi kahulumeni,” kusho uDumisa.

URamaphosa

Uphawula kanjena nje uDumisa, sekusuke umsindo ngenkulumo kaRamaphosa ngenxa yokuthi ethe: “Uhulumeni awuyisunguli imisebenzi, ngabamabhizinisi abasungula imisebenzi. Cishe u-80% wemisebenzi ekhona isungulwe yimboni ezimele.”

Kukhona engehlanga kahle kubona le nkulumo kamengameli njengoba beyibuke ngokuthi uhulumeni ubalekela umsebenzi wakhe wokuqasha abantu.

Inhlangano yamakhomanisi iSACP ngabanye babantu abaphumele obala ngokuthi bayaphikisana nomengameli.

Isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika simi ku-34.9% kanti isibalo sezinga labangasebenzi esibuka izinto ngeso elibanzi, phecelezi i-expanded unemployment rate, sona simi ku-46.6%.

UDumisa uthi izinyunyana zithanda ukuqashwa wuhulumeni ngoba ziyazi ukuthi ziyacanasa khona njengoba zifuna ngenkani izinto ezazi kahle ukuthi ngeke zazinuka embonini ezimele.

URamaphosa uthe kuzokwandiswa abantu abahlomula ngezikhuthazo ezisebenzisa intela ukugqugquzela izinkampani ukuthi ziqashe intsha. Uthe imininingwane yaloku izovezwa esabelwemali esizothulwa ngesonto elizayo.

UDumisa uthe umnyombo wokuntuleka kwemisebenzi ngezemfundo njengoba ethe abantu baqeqeshelwa iziqu umnotho ongazidingi. Ukhalile nangezinga le mfundo eyisisekelo njengoba ethe namanje umonakalo owadalwa wubandlululo usakhona njengoba kusakhona abantwana abaphothula umatikuletsheni bengakwazi ukusebenzisa amakhompyutha.

Kule nkulumo umengameli umemezele nokuthi useqoke uqweqwe lukasomabhizinisi uMnu uSipho Nkosi ukuthi ahole ithimba eliqondene nokunciphisa imicikilisho enqinda osomabhizinisi.

UNkosi, ugalagala lumholi wamabhizinisi, oluzohola ithimba elizoqeda imidanti ehlupha osomabhizinisi

Abanye bathi yiculo elidala leli kodwa bakhona abanye abasincomile lesi simemezelo njengenhlangano yamabhizinisi, iBusiness Leadership South Africa (iBLSA).

Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusi Mavuso uthi nakuba kungekuningi abakuthokozele ngale nkulumo kodwa lena yokunciphisa imicikilisho iyabajabulisa.

“Kuningi okungenziwa ukwenza izinto zibe lula futhi zingambi eqolo ngale ndlela okuyiyona manje. Ukuqokwa kukaMnu uSipho Nkosi, owayeyisikhulu esiphezulu se-Exxaro, ukusebenzisana neHhovisi likaMengameli yinto enhle. UNkosi unawo impela la mava adingekayo njengoba azi kahle kamhlophe ukuthi undendende lwemicikilisho lulimaza kangakanani,” kusho yena.

Umengameli umemezele nokuthi isibonelelo sikaR350 esisiza abangasebenzi sizoqhubeka sikhokhwe kuze kube sekupheleni kukaMashi wangonyaka ozayo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page