UNksz uSibongile Mongadi, umnikazi we-Uku’Hamba Prosthetics and Orthotics, eyenza izitho zomzimba zokufakelwa yaseDobsonville, eSoweto, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Wenza izitho zomzimba zokufakelwa ngokuvuselela iplastiki

WUTHOBILE ZWANE 

ELOKISHINI iSoweto intokazi yaseDobsonville ishintsha izimpilo zabantu. Yenza izitho zomzimba zokufakelwa ezingabizi nezisheshe zilunge futhi igqugquzela abantu besifazane abasebasha ukuthi bakholwe ukuthi bangaphumelela emikhakheni yesayensi nobuchwepheshe.

Uhambo lukaNksz uSibongile Mongadi, umsunguli we-Uku’hamba Prosthetics and Orthotics, lwaqala ngo-2018 ngesikhathi evakashele esibhedlela. Wahlangana nendoda okwase kuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu ilinde isitho somzimba sokufakelwa. Yamxoxela ukuthi kwakunzima kanjani ukuphila ngaphandle kwaso, odokotela bethi iNingizimu Afrika ithembele ezithweni zomzimba zokufakelwa ezibizayo ezivela phesheya.

UNksz uMongadi wathola ukuthi abantu abaningi babehlupheka ngenxa yokuthi babengalutholi usizo kusenesikhathi. Uthi loko kwahlala emqondweni wakhe. UNksz uMongadi, one-Diploma in Additive Manufacturing Engineering yase- University of Johannesburg nonolwazi lwe-3D printing, waqala ukucabanga isixazululo sale nkanankana.

Uthi wafikelwa wukuthi uma izitho zomzimba zokwenziwa zingenziwa endaweni, kusetshenziswa izinto ezishibhile, abantu kwakungeke kudingeke ukuthi balinde iminyaka eminingi. Ugqozi lokuqala ukwenza lo msebenzi lufike kungalindelekile ngo-2020, wasungula Uku’Hamba Prosthetics and Orthotics. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/29/owasentshonalanga-kapa-uhlabane-ngor200-000-kwi-kasi-sme-summit/

Umsebenzi wawuqale eSoweto, lapho yena nethimba lakhe baqala ukwenza izitho zomzimba zokufakelwa besebenzisa izinto ezithengekayo, ezigaywe kabusha njengamabhodlela eplastiki, isitho ngasinye senziwe ukuthi silingane nezidingo zomuntu futhi zenziwe ngesitayela ukuze abantu bazigqoke ngokuziqhenya.

UNksz uMongadi ephethe omunye wemikhiqizo ye-Uku’Hamba Prosthetics and Orthotics 

Ibhizinisi lakhe selisize abantu abaningi eNingizimu Afrika yonke. Manje unezisebenzi eziyisithupha eziqashwe ngokugcwele nezimbili eziyitoho. 

“Uma ikhasimende elisha lifika, ngilalela indaba yalo, ngenze isitho ngokwezidingo zalo. Sibe sesigaya umsebeni ngobuchwepheshe i-3D. Lezi zitho zomzimba zokufakelwa zishibhile, zikwazi ukumelana namanzi futhi zilunga ngokushesha kunezithengwa phesheya,” kusho yena.

Uthi uhambo alubanga lula. Abantu abaningi babemngabaza, ikakhulu ngoba ungowesifazane osemusha omnyama emkhakheni ogcwele abantu besilisa abamhlophe. 

Uthi ukhumbula emi phambi kwamajaji emncintiswaneni othile echaza ngomsebenzi wakhe ngaphambi kokukhiqiza isitho somzimba somzimba esasikhombisa ukuthi ezinye zizoba njani, wabuzwa ngekhono lakhe ngendlela enokumngabaza. Loku akuzange kumthene amandla. 

“Kunoma yini engiyenzayo, ngifuna ukukhuthaza wonke umuntu omusha. Ngifuna abantu abasha babone ukuthi kuyenzeka ukuthi ingane emnyama iphumelele. Ezimbonini eziningi ngabesilisa, sidinga abesifazane abaningi,” kusho uNksz uMongadi.

Uthi ukuzikhandla kwakhe kuyabonakala ezweni nasemhlabeni jikelele kodwa kuyena okubaluleke kakhulu wukunika abantu abakhubazekile ithuba lokuphila ngokuhlonishwa, ukuzimela nokuziqhenya.

Isifiso sakhe esikhulu wukukhulisa Uku’Hamba ukuze abantu abaningi eNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe bakwazi ukuthola izitho zomzimba zokufakelwa ezingabizi kakhulu nokukhuthaza abantu besifazane abasebasha ukuthi benze izifundo zesayensi, ezobuchwepheshe, ezobunjiniyela nezibalo.

Facebook: Ukuhamba Prosthetics and Orthotics Pty Ltd

Instagram: @UkuhambaPty_Ltd

X: @UkuhambaPty_Ltd

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page