Skip to content
  • Home
  • Asafufusa
  • SMMEs
  • Emxhakeni
  • PERSONAL FINANCE
  • Kugiya Ongoti
  • OPINION
  • Inkunz’ emidwayidwa
  • EXECUTIVES
  • Sithinte
  • Login
  • Subscribe
    • Membership Account
      • Membership Cancel
  • Isivuno
  • AGRI BUSINESS
  • Phezu komkhono
  • CELEBRITY & MONEY
  • Umdwebohlaya
  • Osibindigidi
  • Podcasts
  • #Ezobuchwepheshe
  • Subscribe

Izindaba

Ikhomishini ichithe iVodacom ngeMaziv

KUQOKWE uMnu u-Ebrahim Essop ukuthi abe yiphini le-Pension Funds Adjudicator.

ENYE yezinhlangano eziklelisa indlela amazwe abukwa ngayo uma efuna ukuboleka imali, iFitch ithe ngeke iyiguqule indlela eklelise iNingizimu Afrika ngayo yize kodwa ithe ilindele ukuthi ungakhuli nhlobo umnotho wezwe.

NGOLWESINE iBhange loMbuso lizomemezela isinqumo esisha ngemalimboleko kanti osomnotho abaningi babheke ukuthi izonyuswa okokugcina kuleli sonto njengoba sekulindelwe ukuthi iqale yehle emhlanganweni olandelayo. 

KUFANELE ohulumeni batshengise ukuthi bazimisele ngempela ukulwa nesihlava sokuthi kube khona intela ephunyukayo ngenxa yabantu abadayisa izinto isinyenyela nabadayisa izimpahla zomgunyathi. Usho kanje uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesikhathi ethula inkulumo kwi-13th Africa Initiative Meeting eKapa izolo. 

USIHLALO omusha webhodi lePembury Lifestyle Group uMnu uSiyabonga Zwane usesulile kulesi sikhundla emva kwezinsuku eziyisithupha ethathe izintambo. Le nkampani enezikole ezizimele nezindawo zokuhlala izaguga ibikade isanda kushintsha usihlalo emva kokusula kukaDkt uMandla Lamba obephethe lesi sikhundla. 

INKANTOLO isichithile isicelo seSakeliga ebifuna ukuphoqa umcwaningimabhuku-jikelele ukuthi adedele imininingwane yamabhuku omasipala abawu-154 ebizwa ngama-management report.

I-Shoprite iqinise ibhodi yayo ngoMaseko noMathebula. INTATHELI YOMBELE iyabika

I-Allan Gray yandise amasheya ayo kwaSpar, isinamasheya awu-10.42% esuka ku-3.55%.

I-COMPETITION Tribunal isiphasisile isicelo seClicks sokuthenga onke amasheya eSorbet ngoR105 million. Imibandela nemigomo ebekiwe ithi kufanele kwandiswe isibalo sabantu abamnyama abangabanikazi balama-salon, kwandiswe imikhiqizo yeSorbet ekhiqizwa eNingizimu Afrika futhi kuqeqeshwe izisebenzi zale nkampani. Kusukela ngo-2015, iClicks ibinamasheya awu-25% eSorbet.

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana usichithile isicelo sokuthi i-Eskom ivunyelwe ukungavezi embikweni wayo wezimali ukuthi ingakanani imali ethathwa ngokuthi ichithiwe futhi isebenze ngendlela engafanele. UGodongwana wenze lesi sinqumo emva kokubonisana nomcwaningimabhuku-jikelele nokubheka ukuphawula kwabantu abawu-56 abathumele imibono.

IBHANGE loMbuso limemezele izolo ukuthi linyuse imalimboleko ngo-50 basis points yafinyelela ku-8.25%. Imali amabhange asezoyikhokhisa abathengi uma ewaboleka imali isiwu-11.75%.

IBHANGE loMbuso linyuse imalimboleko ngo-50 basis points, yafinyelela ku-7.75% kusukela namhlanje. Leli bhange lithe lokhu kungenxa yokunyuka kokwehla kwamandla emali okuqongile ngoFebhuwari njengoba kufinyelele ku-7.0%. Ithe nezinye izimo ezimise kabi umnotho zisaqhubeka.

I-DURBAN Container Terminal esechwebeni laseThekwini ifeze izivumelwano ezingaphezu kuka-90% kwenazo namakhasimende azo ngoFebhuwari kanti amaloli abethatha okungenani imizuzu ephakathi kwewu-55 newu-66 ukuqeda umsebenzi. Le nkampani inezinyanga izama ukunciphisa ukubambezeleka kwezimpahla okwaqala ngo-Okthoba ngonyaka odlule ngenkathi izisebenzi zaseTransnet zitelekile.

ISIKHWAMA sempesheni sezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees Pension Fund sizonyusa impesheni ngo-5.55% kusukela ngenyanga ezayo. Ngokomthetho kufanele le mali inyuke okungenani ngo-75% wenani lamandla emali ngonyaka odlule, obekungu-7.40% ngo-2022. 

Ezinye zezinkampani ezichicilele imibiko yezimali yiStandard Bank neSanlam.

UMNOTHO weNingizimu Afrika wehle ngo-1.3% ngekota yesine yango-2022. Izimboni ezibe nesandla kakhulu kuloku ezemali, ezokuhweba, izimayini, ezolimo, ezokukhiqiza nemisebenzi kahulumeni.

KUKHUTHAZWA abantu ukuthi baphawule ngesimemezelo esenziwe wumNyango weziMboni, ukuHweba nokuNcintisana esichicilelwe kuleli sonto esigunyaza izinkampani ezisembonini kagesi ukuthi zingayilandeli eminye imithetho yokuncintisana ukuze zibambisane ukulwa nenkinga yokushoda kukagesi njengoba izwe libuswa ngaphansi komthetho wezinhlekelele.

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uhlangane noNgqongqoshe wezeziMali waseMelika uNks uJanet Yellen ePitoli ngoLwesine. Phakathi kwezinto ababhunge ngazo yisimo somnotho emhlabeni, imigomo yokugqugquzela abatshalimali nokuqinisa ubudlelwano phakathi kweMelika neNingizimu Afrika. IMelika ingenye yamazwe amakhulu ahwebelana neNingizimu Afrika. Ongqongqoshe baxoxe nangohlelo lokweseka iNingizimu Afrika ukuqala ukusebenzisa ugesi ongaphehlwa ngamalahle iJust Energy Transition, iMelika ingelinye lamazwe eleseka lolu hlelo ngo$1 billion.

IBHANGE loMbuso liqhubekile nokunyusa imalimboleko. Izolo limemezele ukuthi izonyuka ngo-25 basis points ibe wu-7.25% kusukela namhlanje. Leli bhange lithe izinto ezithwalisa umnotho kanzima zisaqhubeka. Lithe selilindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1.6% kulo nyaka, esikhundleni sika-1.9%.

IKHOMISHINI yokuNcintisana isiphakamise ukuthi iCompetition Tribunal ishushise izinkampani ezimbili ezazidayisa izimpahla zokuzivikela kwiCOVID-19 ngezinsolo zokuxoxisana ngamanani, isenzo esiphambene nomthetho wokuncintisana. Le khomishini ithi iMedmart Health neBabyBug bavumelana ngendlela abazonquma ngayo amanani ezifonyo futhi bahlukaniselana amakhasimende. Kuthiwa lezi zinkampani zahlangana ngoDisemba wango-2020 zavumelana ukuthi zizodayisa iphakethe lezifonyo eziwu-50 ngemali ephakathi kukaR79 noR90.

USULILE esikhundleni sokuba yisikhulu sokugcina imithetho, phecelezi i-company secretary, eDiscovery uNks uNomalanga Nobuhle Mbongo. Uzogcina kulesi sikhundla ekupheleni kwangoMashi.

UNKS uSilindile Kubheka useqokwe waba wusihlalo we-Ombud Council, kwathi uNks uLebohang Senne waqokwa ukuba yilungu lebhodi yabaqondisi iminyaka emithathu. Bazoqala kusukela mhla ka-1 ngoFebhuwari. UNks uKubheka uyinhloko yeGroup Finance: Governance and Risk Compliance eTransnet, kanti uNks uSenne yi-chartered accountant emnkantshubomvu kanti uyiphini likasihlalo weFinancial Reporting Standards Council Board.

USOLWAZI uTshilidzi Marwala usulile ebhodini labaqondisi laseNedbank njengoba esezoba wumphathi weNyuvesi yeNhlangano yeZizwe. Uzogcina kuleli bhodi ekupheleni kukaFebhuwari. 

SITHATHA umhlalaphansi isikhulu esiphezulu saseSpar uMnu uBrett Botten ekupheleni kwenyanga. Ezinye izinguquko ezizobakhona ebhodini lale nkampani wukuthi uDkt uPhumla Mnganga noMnu uGraham O’Connor nabo bazoshiya. UDkt uShirley Anne Zinn noMnu uPedro Manual baqokwe ukuthi babengabaqondisi abasha bebhodi.

I-TELKOM ayisaqhubeki nezingxoxo nenkampani iRain. NgoSepthemba wango-2022 lezi zinkampani zamemezela ukuthi ziyaxoxisana emva kokuthi iRain icele ukuthi iTelkom iyithenge. Esimemezelweni saleli sonto zombili lezi zinkampani zobuchwepheshe zithi ngeke kulunge ukuthi ziqhubeke nokudayiselana okwamanje.

UNGQONGQOSHE wezokuThutha uMnu uFikile Mbalula umemezele ibhodi labaqondisi elisha leSANRAL elizophatha iminyaka emithathu. Abaphinde baqokwa oMnu uThemba Mhambi (usihlalo), uRobert Haswell, uThamsanqa Matosa, u-Errol Makhubela noChris Hlabisa. Abasha ngoNks uRefilwe Buthelezi noNoluphumzo Noxaka. UMnu uReginald Demana, isikhulu esiphezulu, uzoqhubeka kwibhodi. 

  • instagram.com
  • facebook.com
  • whatsapp.com
Umbele ePublication

Umbele ePublication

Umbele I SMME Profiles I Labour I Economics I Agriculture I Executive Interviews I Personal Finance News

  • Home
  • Asafufusa
  • SMMEs
  • Emxhakeni
  • PERSONAL FINANCE
  • Kugiya Ongoti
  • OPINION
  • Inkunz’ emidwayidwa
  • EXECUTIVES
  • Sithinte
  • Login
  • Subscribe
    • Membership Account
      • Membership Cancel
Sunday, November 16, 2025
  • Isivuno
  • AGRI BUSINESS
  • Phezu komkhono
  • CELEBRITY & MONEY
  • Umdwebohlaya
  • Osibindigidi
  • Podcasts
  • #Ezobuchwepheshe
  • Subscribe

About us

Umbele is an online business publication of Likhanyile Media. The business e-publication publishes in isiZulu and carries economics, labour, agriculture, executive interviews, SMME profiles and personal finance news.

It promises to nourish consumers with enriching, topical business news in vernacular as encapsulated in its tag line “Ncela kogwansile”, which loosely translates as draw from the well of wisdom.

Declaration

UMBELE Online subscribes to the Code of Ethics and Conduct for South African Print and Online Media that prescribes news that is truthful, accurate, fair and balanced. If we don’t live up to the Code, within 20 days of the date of publication of the material, please contact the Public Advocate at 011 484 3612, fax: 011 4843619. You can also contact our Case Officer on khanyim@ombudsman.org.za or lodge a complaint on our website: www.presscouncil.org.za

Sithinte

newsroom@likhanyiletm.co.za
sales@likhanyiletm.co.za

083 471 0367
082 483 7667

We are social

Facebook-f Instagram Envelope

© 2020 Likhanyile Group (Pty) Ltd 

Copyright in this website and all material on this website (including but not limited to the text, artwork, photographs, images, music, audio material, video material and audio-visual material) is owned by Likhanyile Group (Pty) Ltd and its licensors. All other rights are reserved. You must not adapt, edit, change, transform, publish, republish, reproduce distribute, redistribute, broadcast, rebroadcast or show or play in public this website or the material on this website (in any form or media) without obtaining prior written permission.  You may request permission to use the copyright material on this website by writing to directors@likhanyiletm.co.za

Website Designed by VuyoM​

SA Covid -19 Website

<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>

  • Login
  • Sign Up
Forgot Password?
Lost your password? Please enter your username or email address. You will receive a link to create a new password via email.
body::-webkit-scrollbar { width: 7px; } body::-webkit-scrollbar-track { border-radius: 10px; background: #f0f0f0; } body::-webkit-scrollbar-thumb { border-radius: 50px; background: #dfdbdb }
Manage Cookie Consent
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
  • Manage options
  • Manage services
  • Manage {vendor_count} vendors
  • Read more about these purposes
View preferences
  • {title}
  • {title}
  • {title}