AMEHLO AKUMPHATHISWA UNKONYENI ETHULA ISABELOMALI SANGO-2024/25
WONKE amehlo azobe ebheke kuMphathiswa wezeziMali KwaZulu-Natal, uNkk. Neliswa Peggy Nkonyeni, ngoLwesine ngesikhathi ethula iSabelomali sesiFundazwe esiShayamthetho eMgungundlovu.
Kulindeleke ukuthi uMphathiswa uNkonyeni amemezele ukuthi uHulumeni wesiFundazwe uyabe kanjani imali ukuze kufezwe izinhlelo zesifundazwe ukukhulisa umnotho kudalwe namathuba emisebenzi.
UMphathiswa uNkonyeni uzokwethula isabelomali esizohambisana nezinhlelo eziseqhulwini esifundazweni ezamenyezelwa uNdunankulu uNkk. uNomusa Dube-Ncube ngesikhathi ethula iNkulumo yesiFundazwe eyayinika ithemba ukuthi isifundazwe sisembhidlangweni wokuvukuza umnotho ukuze kuhlomule abantu abakhele iKZN.

Phakathi kwezinto okungalindeleka ukuthi uMphathiswa uNkonyeni akhulume ngazo kungaba ukubambisana nesakhiwo sobukhosi, ukufakwa komnotho wezobuchwepheshe, phecelezi i-digital economy, ukulekelelwa kosozimboni abamnyama, phecelezi ama-black Industrialist, ukulwa nenkohlakalo nodlame olubhekiswe kubantu ngokobulili abayibo.
Lesi sabelomali singesehlandla lokugcina kuphethe lo hulumeni ovotelwe okwesithupha emva kokutholakala kwentando yabantu eNingizimu Afrika.
Asibeke indlebe ngesikhathi uMphathiswa ethula izindaba ezibalulekile zokuphakwa kwentuthuko kuguqulwe nezimpilo zabantu zibe ngcono:
- Facebook: KZNTreasury, X (Twitter) @KZNTreasury naku www.kznlegislature.gov.za
- Lolu daba lukhokhwelwe wumNyango weziMali waKwaZulu-Natali

