Uvuna engatshalanga osebenzisana nabalimi ukukhiqiza i-π¨ππͺππ nejusi ka-ππππ©π§π€π€π©. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
UBONE isibalo sentsha engena kwezolimo sikhula njalo ngakubo. Nakuba kunjalo kepha bayindlala abakhuthalela ukuthatha isivuno benze ngaso okunye okungenisa imali. Iningi lijaha ukudayisela abantu nasezitolo.
Yiloko okwenze uNksz uSethembele Nxele wasungula iGotta Be Rich Agri Farming, ekhiqiza i-sauce kapelepele nejusi ka-beetroot ngomkhiqizo awuthenga kubalimi bendawo.
UNksz uNxele, waseSikhawini kodwa osehlala Empangeni, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uthi wayengakaze aziphuphe engena kwezolimo, yize unina (ongasekho) ayelima kodwa wukubona ithuba kule mboni ngakubo okwenza wagxuma wahlala ngonyaka odlule.
Uthi: βNgabona ukuthi abalimi abaningi bangasekhaya bagculiswa wukubona imikhiqizo yabo isezitolo futhi ithengwa ngabantu, abazihluphi ngokunye abangakwenza ngayo ukubangenisela imali. Yingakho ngiqale le nkampani ngonyaka odlule ukuvala leso sikhala nge-sauce nejusi kwami engikwenza ngemikhiqizo engiyithenga kubona.β
Akuthanda nge-sauce yakhe kapelepele nejusi yakhe ya-beetroot wukuthi waqala ngokuyokuhlola e-lab ukuqinisekisa ukuthi akunabungozi kumakhasimende akhe. Amanani akhe asuka kuR25 kuya kuR35.

Ukushonelwa wunina eseneminyaka ewu-12 benomfowabo owayeno-10 ngaleso sikhathi ngezinye zezinto ezamkhuthaza ukuthi aqhamuke nendlela yokuziphilisa.
βSikhule kanzima (nomfowethu) sisizwa womakhelwane, kwaze kwangenelela nabezenhlalakahle ngoba singenamuntu esingaphephela kuyena. Loko kwenza ngazitshela ukuthi uma sengikhulile ngizokwenza konke okusemandleni ami ukuxosha ikati eziko.β
βYingakho ngaphambi kokuqala ibhizinisi le-sauce nejusi, ngiqale elezimpahla zokugqoka, elisekhona namanje, iGotta Be Rich Clothing ngisebenzisa amava eminyaka emithathu engawathola ngisasebenza eMr Price ngaphambi kokusula khona ngo-2018 sengingena kwezamabhizinisi.β
I-sauce yakhe, okuyiyona ehamba ngamandla, uyidayisela izitolo zokudla, amashisanyama nesinye isitolo esiseNseleni Shopping Centre.

Nakuba kunjalo kodwa zikhona izinselelo. Uthi: βInkinga enkulu engibhekene nayo wukuthi angikabi nemishini emikhulu yokwenza imikhiqizo yami ngokushesha, okwenza ngingakwazi ukuwenza ngendlela engifisa ngayo.β
Kwezinye izinselelo abhekene nazo ngabantu abafuna ukwazi imfihlo yakhe yomkhiqizo wakhe. Uthi kuyaxaka loku ngoba kusho ukuwa komsebenzi wakhe. Muzwa echaza:
Nokho uthi ugculisekile ngendlela eliqhuba ngayo ibhizinisi, njengoba eseqala nokungenisa nakwezinye izifundazwe.
- Facebook: Gotta Be Rich Agri Farming
- Instagram: sthesh_nongalo