INJABULO NOKUDANGALA

NGESONTO elidlule sithole izindaba ezinhle nezimbi ngesimo sezimali eNingizimu Afrika. Umqoqintela uveze ukuthi ngonyaka wezimali wango-2020/21 uqoqe imali engaphezulu kunaleyo abeyilindele ngoR38 billion, nokudalwe kakhulu yinzuzo enkulu eyenziwe yizimayini ngenxa yokuntenga kwerandi nokunyuka kwamanani okumbiwa phansi.

Loku kufanele kulisize izwe njengoba ziningi izidingo ezikhona futhi kumele kuzanywe ukwehlisa isikweletu. Ukungena kwemali ethe xaxa kuzosiza nezinhlelo zokuvuselela umnotho, oshayeke kakhulu kunalokhu obuvele untenga kona ngenxa yeCOVID-19.

Kodwa futhi ngalo isonto elidlule kuphume umbiko woMcwaningimabhuku-Jikelele wango-2019/20 noveze ukuthi ukungasetshenziswa ngendlela kwemali yabakhokhintela kusaqhubeka.

Ngokwalo mbiko ocwaninge ukusetshenziswa kukaR1.7 trillion kuvele ukuthi ukusetshenziswa kwemali ngendlela engalungile noma ngokungawulandeli wonke umthetho kube wuR54.34bn. Lesi sibalo sengeze kuR67bn owadalulwa wu-Eskom noTransnet njengemali abangayisebenzisa kahle. 

Kukhona nezinkontileka zemali ewuR2.08bn leli hhovisi elingakwazanga ukuzicwaninga. Isiyonke imali engasetshenziswanga ngendlela, nesineminyaka eminingi iloku ikhula, iwuR262.03bn.

Imali okungenzeka ukuthi ilahlekele uhulumeni wuR6.8bn ngenxa yokusetshenziswa kwemali kungalandelwangwa umthetho ngezindlela ezihlukene nokwenzeke izikhathi eziwu-75.

Amabhizinisi kahulumeni awu-21 aveze ukuthi anezinkinga ezinkulu zemali futhi sekuneminyaka ebika ngale nselelo. Awu-55 aqede unyaka eseshodelwa yimali ngoR64.95bn, njengoba imali ayingenisile ingaphansi kwezindleko.

Njengoba sisenjena-ke isithombe esivezwa wuMcwaningimabhuku-Jikelele kusobala ukuthi izindaba ezinhle eziqhamuka kumqoqintela noma sizijabulela kodwa kumele sizijabulele sibuye nganeno.

Into ethena amandla ngombiko woMcwaningimabhuku-Jikelele wukuthi lezi yizexwayiso zaminyaka yonke kodwa kubonakala kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ngoba alukho ushintsho.

Imiphumela emibi yokungazishayi ndiva lezi zexwayiso iyabonakala njengoba ukungaphathwa ngendlela kwemali eSAA kugcine kuyiwisile, kwalahlekisela abantu abacela ku-3 500 ngomsebenzi emva kwezinyanga bengaholi imali ephelele.

Ngesonto eledlule kunezisebenzi eziwu-621 zaseSABC ezidiliziwe njengoba le nkampani isineminyaka inezinkinga zemali. 

Kungashona ilanga uma singachaza ukuthi ukungasetshenziswa ngendlela kwemali kunamuphi umphumela ekuhlinzekweni kwezidingo zomphakathi. Njengoba kunemali nezinhlelo ezenziwayo ukuphucula ukusebenza kwabaqoqintela ukuze bezobamba abantu ababalekela ukukhokha intela kuzogcina kuyinto engathi shu uma imali izolokhu ingaphathwa ngendlela.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page